AKUKHO gqom‘ ezovumeleka ezindaweni zobumnandi ngale kuka-12 wasebusuku ngala maholidi.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele.
UCele ukusho lokhu enkundleni yezemidlalo, iKing Zwelithini eMlazi ngoLwesithathu.
Bekuhlanganiswe zonke izinhlaka zamaphoyisa zizokhunjuzwa ngokulindeleke ukuthi zikwenze ukuqinisekisa ukuphepha.
UCele ubezobheka ukuthi amaphoyisa akulesi sifundazwe kanjalo nalawo atshalwe khona, evela kwezinye izifundazwe, akulungele kangakanani ukuqinisekisa ukuthi ezokuphepha ziseqophelweni eliphezulu ngala maholidi.
Ekhuluma namaphoyisa uCele, uthe uma zithi 12 ebusuku, amaphoyisa ezwa okusamculo kuqhuma phezulu ezipotini, angananazi, anikele khona.
"Uma nifika, nifike nibatshele ukuthi isikhathi segqom siphelile, ayicishwe. Uma benenkani, nisebenzise konke eninakho ukuqinisekisa ukuthi umthetho, uyalandelwa," kusho uCele.
Uphinde wathi, amaphoyisa kufanele enze okufanayo nangodaba lotshwala kulezi zipoti.
“Notshwala nabo abuvumelekile ngale kuka-12 ebusuku. Uma nifica bebuphuza, niqale nibakhuze, uma lokho kuhluleka, bese nisebenzisa umthetho ukubaphoqa ukuthi babuyeke,” kusho uCele.
Uthe uyezwa ukuthi kunabantu ababamba amaphathi olwandle, baphuze utshwala.
Uthe nasolwande, azobe ethe chithi saka amaphoyisa, ayobheka zonke lezo zinto eziphambene nomthetho ezenziwayo.
Uthe nasemigwaqweni emikhulu efana no-N3 sebecele usizo lwamasosha, asevele ankanisile ezindaweni ezifana noMooi River, lapho kuvame ukusuka khona uthuthuva lokushiswa kwamaloli, noma iziteleka ezibandakanya wona amaloli avimba umgwaqo.
Ube esekhumbuza amaphoyisa ukuthi nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane nakho angakhohlwa ukuthi asalindelekile ukuthi akuqaphe ngelokhozi.
Unxuse nemiphakathi ukuthi nayo isifake isandla ekulweni nobugebengu, esho ukuthi ubugebengu obuningi benzeka khona emiphakathini, izigebengu zihlala emiphakathini futhi nabantu besifazane nezingane badlwengulwa, babulawe ngamadoda avela kuyo imiphakathi ngakho kumele ilekelele.