BAZOBHUKUDA bekhululekile abantu abazohambela amabhishi aseThekwini njengoba ingekho indle ezobe igeleza khona kulo nyaka.
Lezi zindaba zivele izolo esithangamini nabezindaba soMngeni-uThukela Water, ebesiseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
UMnuz Sanele Mazibuko obhekele izinhlelo zokusebenza koMngeni-uThukela Water, uthe basebenzisana noMasipala weTheku ukukhuculula indle ezikhungweni zalo masipala eziwu-10, ngakho ngeke ikapakele emabhishi nasemifuleni.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule izivakashi beziphatheke kabi njengoba kwakuvalwe amabhishi indle ikapakela kuwona emuva kokuthi amapayipi ehamba kuwona ecekelwe phansi yizikhukhula.
Isikhulu sezimali eMngeni-uThukela Water, uMnuz Thami Mkhwanazi, sithe kulo nyaka wezimali ophelayo uMngeni Water ungenise imali ewuR5.3 billion okusho ukuthi inyukile njengoba ngonyaka odlule babenze u-R4.9 billion.
Izolo bekukhulunywa ngesimo sezimali soMngeni Water njengoba bekusongwa unyaka wezimali ngesikhathi ungakahlanganiswa noMhlathuze Water.
Inzuzo abayenzile iwu-R1.2 billion kanti lokhu kunyuse imali elondoloziwe esikhwameni sabo (reserves) yasuka kuR13.2 billion yaya kuR14.4 billion.
UMkhwanazi uthe izikhukhula zibaphazamisile njengoba ingqalasizinda yabo eningi yonakala.
Yize kunjalo uthe sebeyilungisile yonke futhi abantu bangakhululeka ukuthi le nhlangano izoba nemali yokuqala izinhlelo ezintsha zokuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi nezokunakekela ingqalasizinda ekhona njengamanje.
Uveze ukuthi imali emoshekile iwu-R2.5 billion imali eningi kwemoshekile kungenxa yezinkontileka ezingahambanga kahle eminyakeni edlule.
Okwamanje lezi zinkontileka akukho ukuthi zinqanyulwe njengoba kuphenya nethimba le-Special Investigations Unit (SIU).
Isikhulu esiphezulu esisabambile eMngeni-uThukela Water, uDkt Sipho Manana, sithe ingqalasizinda yamanzi idinga ukunakekelwa ngakho abantu abakhululeke ngoba zikhona izinhlelo zokuyinakekela.
Uthe abanazo izinhlelo zokunciphisa amanzi abawathumela komasipala futhi azobe ehamba kahle amanzi nangesikhathi samaholidi ngoba ingqalasizinda yabo isebenza kahle.
USihlalo weBhodi loMngeni-uThukela Water, u-Adv Vusi Khuzwayo, uthe izinhlelo zokugcwalisa izikhala zomsebenzi kule nhlangano zizokwenzeka maduzane njengoba bezoba nomhlangano wokudingida lolu daba ngesonto elizayo.
Uthe ngeke imosheke imali bebhekile kodwa ezindabeni ezithinta amacala, bazohlangana ne-SIU ukuze kubhekwe ukuthi amacala asekusiphi isigaba.
Uthembise abantu baKwaZulu-Natal ukuthi le nhlangano inamanzi enele ezowathumela komasipala nasezimbonini ezithembele kuyo.