ISIPHENDUKE inkomo yomqhoyiso eyokuxoshwa kwemeya yaKwaDukuza, uNksz Lindile Nhaca, izinhlaka ze-ANC azivumelani ngalolu daba, naye uNksz Nhaca akavumi ukwehla esikhundleni.
UNksz Nhaca useludlulisele kunobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, udaba lokuxoshwa kwakhe, ukhala ngokuthi uboshelwa amanqina enyathi.
Izinhlaka ze-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, i-ANC Women’s League (ANCWL) neYouth League (ANCYL), seziphumele obala zaphikisa isinqumo sokuxoshwa kukaNksz Nhaca.
Isinqumo sokuxoshwa kukaNksz Nhaca, esiyingxenye yezinguquko ezizokwenziwa ebuholini bomkhandlu, simenyezelwe unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, ngoLwesihlanu.
UMtolo watshela abezindaba ukuthi umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC uthathe isinqumo sokwenza izinguquko ebuholini bomkhandlu ukuze kube nozinzo.
UMtolo wenza le simemezelo nje ngoJulayi kwaputshuka inkulumo yakhe lapho ayetshela amakhansela e-ANC kulo mkhandlu ukuthi uNksz Nhaca uzokhonjwa indlela.
Ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni namakhansela, uMtolo wathi esikhaleni sikaNksz Nhaca bazofaka uMnuz Njabulo Cele, oyikhansela le-ANC emkhandlwini.
Encwadini ayibhalele uMbalula, uNksz Nhaca ukhale ngokuthi akazange anikezwe ithuba lokuziphendulela ezinsolweni abekwa zona.
“Ziningi izinsolo ezenziwe uMtolo ngami engibala kuzo nalezo azenza ngesikhathi ehlangene namakhansela e-ANC KwaDukuza. Ngikugwemile ukuthi ngiyomphendula esidlangaleni. Sekuyacaca manje ukuthi ngiboshelwa amanqina enyathi.”
UNksz Nhaca uthe umhlangano wesigungu esiphezulu esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza wasichitha isiphakamiso sokuthi axoshwe.
UMasipala waKwaDukuza iwona onesabelomali esiningi komasipala abangaphansi kukaMasipala wesiFunda Ilembe njengoba isabelomali sakulo nyaka singu-R2.7 billion.
I-ANCWL ne-ANCWL esifundeni iGeneral Gizenga babe nesithangami nabezindaba ngokuhlanganyela, lapho begxeke khona imizamo yokuxosha uNksz Nhaca.
Usihlalo we-ANCWL esifundeni, uNkk Malindi Zondi, uthe ukwenza izinguquko kuMasipala waKwaDukuza kungaphazamisa i-ANC kubo bonke omasipala abasesifundeni Ilembe.
UNkk Zondi uthe umkhandlu usebenza kahle ebuholini bukaNksz Nhaca.
Usole uMtolo ngokubukela phansi ubuholi besifazane.
Umdidiyeli we-ANCYL esifundeni, uMnuz Ndabenhle Mzoneli, uthe abafuna ukuxosha uNksz Nhaca kufanele babize umhlangano wesigungu esiphezulu esifundeni, kuxoxwe lolu daba.
“Umthetho we-ANC usho njalo. Asikho isinqumo esike sathathwa ubuholi be-ANC esifundeni obuthi akuxoshwe imeya. Imeya isebenza kahle, ngakho asikho isidingo sokuthi ixoshwe.”