ZIJIKILE izinto kuMasipala iNelson Mandela Bay njengoba kushone elayizolo sekuqokwe imeya entsha emuva kokuthi obeyiMeya uMnuz Athol Trollip eshaywe ngevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe.
Izolo amakhansela e-ANC, EFF ne-AIC ahlangene avotela ukukhipha uTrollip esikhundleni njengoba emsola ngokuba wundlovukayiphikiswa ongenandaba nabantu.
Imeya entsha yaseNelson Mandela Bay nguMnuz Mongameli Bobani we-UDM, iPhini lakhe nguMnuz Tshono Buyelele we-AIC.
UBobani waxoshwa ekuqaleni konyaka nguTrollip emsola ngenkohlakalo.
Abahlaziyi bepolitiki bathe okwenzeke eNelson Mandela Bay bekuvele kulindelekile ngoba uTrollip ebengasenawo amandla okuthatha izinqumo kwazise ubengenabo abantu abaningi abamesekayo kumasipala.
UMnuz Thabani Khumalo, ongumhlaziyi wepolitiki ozimele, uthe ubuholi bukaTrollip bebuzulelwa ngamanqe futhi kukhombisa ngokusobala ukuthi iDA ayikakulungeli ukuphatha.
“Uma iDA isahlulwa wukuphatha omasipala nokulawula amaqembu aphikisayo esuke isebenzisana nawo ngeke ikwazi ukuphatha izwe. Sizoyibona iya okhethweni ilimele ngoba lezi zinto ezenzekayo zizoyishaya,” kusho uKhumalo.
Uthe iDA iyahluleka wukuba nentando yabantu uma isebenzisana namanye amaqembu.
Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Ongama Mtimka, ekhuluma esiteshini sethelevishini uthe okwenzeke kwiDA bekulindelekile ngoba ihlulekile wukuxazulula izinkinga zepolitiki ebinazo namanye amaqembu ngokwepolitiki.
“Kumele kube yisifundo kwiDA nakwamanye amaqembu ukuthi kufanele kuxoxwe ngezinto ezithinta ipolitiki kungavele nje kuthathwe izinqumo ngokudinwa,” kusho uMtimka.