INHLANZI izoshelwa amanzi kwababalekela isondlo sezingane njengoba sekunesivumelwano sokuthi bafakwe ohlwini lwabantu abanamagama amabi ezikweletini.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNksz Thembi Simelane, usayine lesi sivumelwano sokufakwa kwi-credit bureau kwabangondli ngempelasonto.
Lesi sivumelwano esibizwa ngeMaintenance Online Listing of Defaulters (Mold) sisayinwe nezinkampani eziqoqa imininingwane yezikweletu zabantu bakuleli.
Kusho ukuthi umuntu ongayondli ingane usezozithola esenkingeni ukwenza isikweletu esisha uma engakayikhokhi imali yesondlo.
“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi abazali bayazondla izingane zabo. Isivumelwano esisisayinile sisho ukuthi ohlwini lwezikweletu zomuntu sekuzovela ukuthi akondli uma engayikhokhi imali yesondlo. Lokhu kungamvibela ukuba athenge imoto, umuzi nanoma yini asuke efuna ukuyithenga ngesikweletu. Asibhekile kuphela abesilisa ngoba umthetho wethu awuhambi ngokobulili.”
Uthe okubenze bathatha lesi sinyathelo wukuthi u-70% wabantu abasuke bondliswa izingane ngenkantolo, unomkhuba omubi wokungayikhokhi imali yesondlo, okusho ukuthi basuke bephula umthetho i-Maintenance Act ka-1998.
“Uma ingane iza emhlabeni kuhlangana abazali ababili ababusiswa ngengane yomfana noma yentombazane. UMthethosisekelo uthi bobabili kufanele bayondle leyo ngane. Siyazi ukuthi isikhathi esiningi izingane zisala nomama kodwa bakhona nobaba abazikhulisela izingane ngabodwana. Kubalulekile ukuthi abazali bondle. Umthetho uzolandela bonke abangodli, kungaba abesilisa noma abesifazane. Bazolandelwa nabalaxaze izingane kogogo ngoba ogogo bayakwazi ukufaka isicelo sesondlo enkantolo.”
Ucele abesifazane ukuba bangabenqabeli ithuba lokubona izingane zabo abesilisa ngoba abanye bagcina bengazondli ngoba bekhala ngokuthi bayanqatshelwa ukuzibona.
Utshele abesilisa ukuthi akusisona isinqumo esihle ukungondli ingane ngoba benqatshelwa ukuyibona, esho nokuthi kufanele balungise lokhu ngokubika enkantolo.
Uphethe ngokuthi abangondli ngeke bagcine ngokungcolelwa amagama ezikweletini kodwa kunemihlomulo yabasebenzi abangeke bayithole njengoba bezosebenzisana noMnyango wezabaSebebenzi.
Ngeke bathole nemali yabo yentela njengoba kuzobizwa ne-South African Revenue Service (Sars), ukuze igodle imali yabangondli.
Ungoti wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala ekhuluma kwi-SABC, uthe yisinqumo esihle esithathwe wuMnyango wezoBulungiswa ngoba uzoqinisekisa ukuthi abangodli abakwazi ukunyakaza bengakazilungisi izindaba ezithinta isondlo.
Uthe izindaba zesondlo kufanele zilandelelwe kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje ngoba abantu bashintsha imisebenzi namakheli okudinga ukulungiswa nakumarekhodi enkantolo.
Ubalule ukuthi uma kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje, kuzokwazeka uma umuntu eshintsha imininingwane kusheshe kubonakale kwifayela lakhe.