Sekuvuliwe ukubhalisela umbukiso wamabhizinisi wodumo kaMasipala weTheku, iDurban Business fair (DBF) ogubha iminyaka ewu-25. Lo mbukiso wamabhizinisi uzosingathwa kusukela mhlaka 22 kuya ku 24 Septhemba e-Durban Exhibition Centre.
I-DBF ingenye yezinhlelo zokuthuthukisa umnotho ezisingathwa wuMasipala ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi asafufusa ayadlondlobala futhi ayabandakanywa ekubambeni iqhaza emnothweni weDolobha.
Sebenzisa le-link ukuthola ifomu lokubhalisa: http://bit.ly/3YfbIsb. Ungavakashela naku-www.durban.gov.za ukuze uthole ifomu lokufaka isicelo noma uye e-7th floor, e-Embassy Building, ku-Anton Lembede Street ukuze uthole amafomu okubhalisa.
Ungakwazi nokuthumela i-Email [email protected] ukucela amafomu okufaka isicelo sokukhangisa kumbukiso wamabhizinisi.
Kulo nyaka kwethulwe uhlelo lokukhokha olunezigaba ezahlukene. Okuzoshaya umhla ka-31 Mashi eseyikhokhe yonke imali yombukiso uzothola isaphulelo.
UKhansela Thanduxolo Sabelo nePhini likaNgqongqoshe wamaBhizinisi Amancane uMnuz Sdumo Dlamini sebeyivule ngokusemthethweni iSouth Durban Business Fair, KwaMnyandu. 📷 @BoniMoh pic.twitter.com/129WkNwgkc
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) June 24, 2022
Ukukhokhela ukukhangisa kulo mbukiso kuvalwa ngomhla ka-28 Ephreli. Kunenhlawulo uma ubhalisa sekwedlule isikhathi. Ungabe usalinda, bhalisa manje ukuze uzihlomulele ngezaphulelo.
Ngeminye imininingwane ungaxhumana noMnqobi Mthethwa ku- 061 006 6162.