UMNYANGO wezeMpilo awunayo inhloso yokulawula abantu ngokuchibiyela umthetho wezempilo ozolawula ukuziphatha kwabantu abahaqwe iCovid-19 kuleli.
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, esithangamini sabezindaba, ngoLwesibili, lapho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nowezeMpilo beyicacisa khona ngokuqedwa komthetho wezihlekelele, iDisaster Management Act, okumenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa, ngoMsombuluko.
Njengoba leli lizwe selikhishiwe ngaphansi kweState of Disaster uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe kuzosebenza imithetho ekhona ngaphansi kweHealth Act ka-2003, Act 61 okuyiServiallance and Control of Notifiable Medical Conditions kodwa kuzomele uchitshiyelwe ngaphambi kokuthi usetshenziswe.
Ngenyanga edlule (Mashi 15) umphakathi unikezwe ithuba lokuthi uphawule ngezinto ezintsha ezifakwe kulo mthetho ukuze ukwazi ukulawula neCovid-19 okuzovalwa ngo-Ephreli 15. Lezi zinto ezifakwe wumnyango zizoba yizichitshiyelwa uma umphakathi uzivuma.
UPhaahla uthe amaqembu aphikisayo kuningi akutshela abantu, athi kuyingxenye yesichibiyelo, umnyango uhlose ngakho ukulawula abantu kodwa okungamele abantu bakuvume.
"Lo mthetho awumusha. Wumthetho obuvele ukhona ulawula izifo. Ngawo kuke kwalawulwa i-listeriosis, Ebola neCongo Fever. “Njengamanje sekukhona neCorona. Kumele ukuthi umthetho uchitshiyelwe ukuze ukwazi ukulawula nayo iCorona. Ayikho into entsha ngawo okungaze kuthiwe kuzonqindwa umphakathi amandla ngawo," kusho uPhaahla.
Uthe njengoba iState of Disaster isiqediwe lo mthetho ungakachitshiyelwa kodwa uma kwenzeka kuba nesidingo sokuthi kube nesinqumo esithathwayo ngaphambi kwalokho, umnyango uzothatha izeluleko kososayensi.
Uqhube wathi njengamanje izibalo zabahaqwa yigciwane ngosuku ziphansi kakhulu, izinga lokutheleleka liphakathi kuka-5 no-8%. Abantu abalaliswe ezibhedlela ngenxa yaleli gciwane bangaphansi kuka-2000, abalaliswe emagumbini abagula kakhulu bangaphansi kuka-200.
Umphakathi ofisa ukuphawula ngalo mthetho, ungabhalela uMqondisi jikelele woMnyango wezeMpilo, kwi: Private Bag 828, Pretoria, 0001 noma bathumele i-fax kwi-012 395 8802 noma i-email kwi: [email protected]