BASALE bethukile abantu bezindawo ezakhele uMasipala weTheku, ngenxa yokuvunguza komoya obushisa ngokungajwayelekile ngoLwesibili ebusuku.
Abanye babo basola ukuthi udalwe ukuqhuma kwesiphehlimandla sikagesi eKlaarwater okuthe uma siqhuma kwacisha ugezi ezindaweni eziningi eThekwini, kwavunguza nomoya obungajwayelekile oshisayo.
Omunye wabathuswe yilesi sigameko, uMnuz Tholithemba Mthiyane, waseKlaarwater, uthe ukushintsha kwesimo sezulu emva kokuqhuma kwesiphehlimandla kubashiye besabela impilo yabo.
“Sithe sizihlalele sabona ngemibani eluhlaza ebivela ngaphandle izongena endlini. Kube sekucisha ugesi sabona sekumnyama, kuthe kusenjalo sezwa sekuvunguza umoya obunamndla nobushisa ngendlela engachazeki,” kuchaza uMthiyane.
Uthe lokhu kubathusile abantu abaningi ngoba bebesahamba emgwaqweni ngesikhathi lokhu kwenzeka.
“Abantu babaleke bangena ezindlini ngoba bebengazi ukuthi kwenzakalani futhi nomoya ubushisa ngendlela exakile kunzima ngisho ukuphefumula. Siphoqeleke ukuthi sivale amafastela ukuze ungeke ungene umoya futhi nezindonga bezishisa uma uzithinta,” kuchaza uMthiyane.
Uthe uyasola ukuthi ukuqhuma kwesiteshi ikona okube nomthelela ekushintsheni kwesimo sezulu.
Isangoma sezulu sase-South African Weather Services, uNksz Thandiwe Gumede, uthe isimo sezulu ebesibonakala eThekwini, besidalwa amazinga okushisa afinyelele ku-40 futhi akusiyona into engaba nobungozi.
“Siyakuqinisekisa ukuthi asikho isidingo sokuthi abantu bathuke lokhu kuvamile ukwenzeka, okuhlukile ukuthi bekuhlangane izinhlobo ezintathu zomoya; umoya owomile, umoya onothuli nomoya oshisayo, engajwayelekile ukuthi ihlangane,” kuchaza uNksz Mthiyane.
Umholi we-ActionSA eThekwini, uMnuz Alan Beesley, uthe ucela ukuthi umasipala uphenye futhi udalule imbangela yokuqhuma kwalesi siphehlimandla.
“Ngaphezu kwalokho, i-ActionSA inxusa umasipala ukuthi ulungise ngokushesha umonakalo uphinde ubuyisele ugesi kwizakhamuzi namabhizinisi asale engenawo ugesi.
“Izakhamuzi nosomabhizinisi baseThekwini, bahlukumezekile futhi basalokhu behlupheka ngenxa yemiphumela yezingqinamba ezikhona,” kuchaza uBeesley.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, izolo, uthe ochwepheshe bakagesi bamatasa bayawulungisa ugesi futhi basebenza ngamandla ukuze ugesi ubuye kuwo wonke amakhasimende ngokushesha. Ucele amakhasimende abo ukuba ababekezelele.