AMAQEMBU ezepolitiki abhekane nezinkinga ngo-2024 avuma ubunzima bonyaka.
I-ANC ne-EFF bathe unyaka u-2024 ube nezinselelo eziningi.
Lokhu bakusho emiyalezweni yabo yokuphela konyaka.
Unyaka awubanga muhle kuwona womabili la maqembu.
Okokuqala kusukela elakuleli lathola inkululeko, i-ANC yehluleke ukunqoba ukhetho lukazwelonke ngamalengiso, yaphinde yahluleka ukunqoba ngamalengiso ezifundazweni ezintathu ebikade iziphethe, iKwaZulu-Natal, Gauteng neNorthern Cape.
I-EFF nayo yehlulekile ukwenza kahle okhethweni olwedlule yaphinde yashiywa inqwaba yabaholi abaqembukele kwi-MK.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe unyaka ophelayo uphinde waba nzima nakubantu baseNingizimu Afrika.
“Abantu bayaqhubeka nokwesela amathuba emisebenzi, ukudla kuyabiza, kukhulu ukungalingani kuleli zwe kanti nesimo somnotho emhlabeni jikelele asisihle.”
Okhulumela i-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, uthe bazobuya ngamandla ku-2025.
Uthe nakuba bebebhekene nezinselelo ngo-2024, kepha bakwazile ukuhlela ngempumelelo ingqungquthela yokukhetha ubuholi baphinde baba nemicimbi emikhulu yokukhankasela ukhetho.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe izinkinga ezibhekene nabantu bakuleli ngo-2024 ziwumphumela wokungagcinwa kwezethembiso.
UNdhlela uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, wehluleke wancama ukugcina ezethembiso azenza ngesikhathi ethatha izintambo zoMbuso.
Uthe ngesikhathi uRamaphosa engena emandleni wathembisa ukushintsha izinto.
“Kodwa manje izinto sezibheda kakhulu ukunakuqala. Umnotho awukhuli, abantu baswele imisebenzi, izinkampani zikahulumeni ziyawa, kuyaqhubeka ukubhubhudlwa kwemali eminyangweni kahulumeni.”