nguMoyomuhle Maphanga waseRumana Mahomed
Kulula ukubhala incwadi yefa futhi kulula ukuqinisekisa ukuthi isayinwe ngokusemthethweni, okungelula ukuqinisekisa ukuthi konke okubhalwe encwadini yefa kuyenzeka.
Empeleni akulungile ukuqala ngokubhala incwadi yefa. Phela incwadi yefa yisigaba sokugcina sokuhlela konke onakho, iphinde ibe ingxenye yokuhlela izimali zakho. Konke lokhu kufanele kulandelane ngendlela efanele, ukuze ugweme izinkinga.
Yisiphi isinyathelo sokuqala ongasithatha ukuze impilo yakho ihleleke? Qala ngokubhala konke nakho, yilokho ofuna ukuba nakho, uzibuze ukuthi ufuna ukwenzani ngesikhathi usaphila nokuthi ufuna kwenzekeni mhla usungasekho. Zibuze ukuthi ufisani, uzokwenza kanjani lokho, nokuthi imali yokukwenza izovelaphi. Zibuze ukuthi yini ezokwenzeka ngezinto zakho mhla usungasekho emhlabeni.
Emva kwalokho usungahlala phansi uzibuze ukuthi: Uma ngihamba emhlabeni manje, ngubani okufanele athole okuthile kulokhu enginakho? Kulapho- ke usungaqala khona ucabange ukuthi incwadi yakho yefa izothini. Lo mbuzo kufanele uzibuze wona njalo emva kweminyaka emibili okungenani, kodwa kungaba ngaphansi kweminyaka emibili uma kunoshintsho olukhulu empilweni yakho. Ushintsho kungaba umshado, ukuzalwa kwengane noma umzukulu, ukushona kwelunga lo mndeni wakho, ukuthengwa kwendlu, nokunye.
ENingizimu Afrika sinelungelo lokwaba izinto zethu encwadini yefa ngendlela esifisa ngayo, kodwa lokhu kunezingqinamba. Akusizi ukwaba ifa ngendlela ofisa ngayo ekubeni kunemali encane efeni lakho yokukhokhela izikweletu zakho (zihlangene ne ntela) kanye nezindleko. Lokhu kusho ukuthi umabi wefa kufanele akhethe okukodwa ezintweni ezimbili: izindlalifa kufanele zifake imali efeni ukuze zizuze imoto, yindlu nokunye okuyifa okushiyile, noma amafa owashiyile kufanele adayiswe ukuze kuhlangane imali eyanele yokukhokhela izikweletu nezindleko zakho.
Indlela oshade ngayo nayo ibalulekile. Uma ushade umshado ohlanganisa amafa, uhhafu wefa ungowakho, okusho ukuthi awukwazi ukucaza omunye uhhafu ngendlela othanda ngayo. Uma
ushade umshado ohlukanisa amafa kodwa othi lokho enizokuthola nishadile ngokwenu nobabili, lokho enikuthole nobabili kuzocazwa kuqala ngaphambi kokuthi kwabiwe okubhalwe encwadini yefa.
Abashadikazi (nabahlalisene) kufanele bahlale bazi ukuthi uma kushona oyedwa, lowo osele uyakwazi ukufaka isicelo sokuthola izinto zalowo oshonile ngaphansi komthetho iMaintenance of Surviving Spouses Act. Lokhu kwenzeka esimeni lapho ophilayo esele nemali encane noma engakwazi ukuzinakekela.
Okusempeshenini yakho noma okusesikhwameni sakho somhlala phansi, iprovident fund, kwabiwa ngokulandela iPension Funds Act. Ungabaqoka abantu okufanele imali iye kubona, kodwa ababhekelele isikhwama sempesheni ababoshiwe yilokho okubhale phansi.
Uma ubabhalile okufanele bahlomule ngezimali zakho zenqubo mgomo yempilo neminye imishwalense, asikho isidingo sokubhala ngalesi sinqumo encwadini yakho yefa. Umshwalense uzokhokhela labo ababhalwe phansi.
Uma abazali noma ogogo nomkhulu benze iskhwama sokwethemba, phecelezi iTrust, la begcine khona izinto ezibalulekile, njenge ndlu, izimoto nomunye umcebo, awukwazi ukufaka lezi zinto encwadini yakho yefa. Ngisho noma ngabe unesabelo kuzona.
Mayelana nezinto okwazi ukuphisana ngazo, incwadi yakho yefa iyona ezokukhulumela uma ungasekho. Yingakho kubalulekile ukuthi ibhalwe kahle, icace, kungabikho okudidayo kuyo.
Ngisho ukufakwa kokhefana endaweni engafanele kungaba yinkinga. Inkantolo ayikwazi ukubheka okunye ngaphandle kwalokho okubhale encwadini yakho yefa. Kubalulekile ukubhala amagama ngendlela efanele encwadeni yefa lakho, ngoba uma engabiziwe ngendlela efanele kungabhedisa izinhlelo zakho.
Kubalulekile ukuthi uqoke umuntu ozobhekelela izindaba zefa lakho. Uma engekho oqokiwe, uMaster weNkantolo enkulu uzoziqokela umuntu ozobhekelela amafa akho emva kokuxoxisana nezinhlaka ezithintekayo. Lokhu kuthatha isikhathi kanti isikhathi siyimali. Umuntu ozokwengamela amafa akho kufanele aqokwe wuMaster ngaphandle uma lowo muntu engakwazi ukwengamela amafa.
Ukuhlela amafa akho nokubhala incwadi yefa, yisona sinyathelo esingayidli imali eningi. Thola isazi esizokusisa ukuhlela izinto zakho, wazi ukuthi uzokhokha imali encane.
Eminyakeni eyishumi (10) edlule, iJaji lenkantolo yokudluliswa kwamacala, uLeach lathi: “Kuyamangaza njalo ukuthi abantu abaningi bathatha usizo kulabo abangazi lutho ngokubhalwa kwencwadi yefa. Le ncwadi ingenye yezincwadi ezibalulekile ukuthi umuntu ayisayine.”
IJaji uWeiner naye wenkantolo yokudluliswa kwamacala, wacaphuna kwinkulumo ka-Ambrose Pierce: “Ukufa akukona umphela ndawo. Kusala umbango wefa, oliwa ngezomthetho.”
Yenza isiqiniseko sokuthi incwadi yakho yefa ayiqali umbango ozogcina enkantolo, kodwa kube incwadi ecacile engenaso isidingo sokuya enkantolo.
Uyisayina kanjani incwadi yefa ngokusemthethweni.
• ENingizimu Afrika, incwadi yefa kufanele isayinwe ephepheni. Kungaba yiphepha elibhalwe ngesandla noma elishicilelwe ngomshini, kodwa kungcono uma lishicilelwe ngomshini.
• Umnikazi wefa kufanele asayine ezansi kwalo lonke ikhasi lencwadi yefa. Ekhasini lokugcina lencwadi yefa, kufanele asayine ngezansi komusho wokugcina.
• Kufanele asayine phambi kofakazi ababili okufanele babe neminyaka engaphezu kweyi-14, abazokwazi nokuya enkantolo bayokwethula ubufakazi uma kunesidingo.
• Ofakazi nabo kufanele basayine ekhasini lokugcina (kodwa kuyagqugquzelwa ukuba basayine wonke amakhasi).
• Ofakazi kufanele babe khona uma kusayina umnikazi wefa, nabo basayine phambi kwakhe.
• Ofakazi abavumelekile ukuhlomula efeni nokuthi kube yibona abalicazayo noma ababhekelela izindaba ezithinta ifa kodwa lokhu akuyenzi incwadi yefa ingabi semthethweni.
• Uma umnikazi wefa engakwazi ukusayina, ngenxa yokukhubazeka, ukugula, nokuthi akafundile, kufanele kutholakale usizo longoti bezamafa. Umnikazi wefa uzokwazi ukwenza uphawu oluthile noma omunye umuntu angamsayinela, lokhu kufanele kugunyazwe wukhomishana onelungelo lokwenza izitatimende ezifungelwe.
FUNDA kabanzi ngencwadi yefa ngokucindezela le link: