INYUNYANA yabasebenzi bakahulumeni iPublic Servants Association (PSA) icele uNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana ukuba angayinciphisi imali ayabela iminyango ehlukene uma esethula isabelomali namuhla.
UMnuz Reuben Maleka wePSA, uthe balindele ukuthi uGodongwana athule isabelomali esizoqinisekisa ukuthi ayikho imisebenzi elahlekayo eminyangweni kahulumeni ngenxa yokuncishiswa kwemali.
“Siyibonile iminyango ehlukene kahulumeni imemezela ukuthi izophoqeleka ukudiliza abasebenzi nokuyeka izinhlelo ezibalulekile ezisiza umphakathi ngenxa yokuthi ayinamali. Akukwazi ukuthi ezweni elinabantu abaningi abangasebenzi nobugebengu bese uhulumeni enezezela izinkinga ngokunciphisa isabelomali. Silindele ukuthi uGodongwana akhiphe imali ezoletha impilo engcono kubantu,” kusho uMaleka.
Ubalule ukuthi uGodongwana kufanele akhiphe imali ezovuselela ingqalasizinda yamanzi, eyemigwaqo, amachweba, izikole nokunye okugugile. Uthe ukulungiswa kwengqalasizinda kudala amathuba omsebenzi futhi kuvuselela nomnotho wezwe.
Inhlangano yosomabhizinisi iFree Market Foundation (FMF), ithe uhulumeni kufanele anciphise isikweletu sezwe ngoba uhulumeni wobumbano unongqongqoshe abaningi abadla izindodla ngemiholo.
UMnuz Martin van Staden oyiNhloko yenqubomgomo yeFMF, utshele izintatheli ukuthi kufanele kunciphe ikhabhinethi uma uhulumeni ezimisele ngokonga.
IFMF ibinesithangami nabezindaba izolo yacela uhulumeni ukuba aphathe imali yezwe ngendlela, aqinisekise ukuthi intela ikhokhwa kahle futhi izinkampani zikahulumeni azidayisele osomabhizinisi abazimele noma asebenzisane nabo.
“Akuhambi kahle emabhizinisinisi kahulumeni, ahlale edinga ukutakulwa. Kungangcono ukuthi anikwe izinkampani ezizimele noma uhulumeni asebenzisane nosomabhizinisi ukuze izinkampani zakhe zizokwenza kahle. Uma izinkampani zikahulumeni zenza kahle kuzodaleka amathuba omsebenzi nomnotho ukhule. Akufanele alokhu ekhuphula amaholo ngendlela engahlelekile. Kufanele aqinisekise ukuthi isikweletu sezwe asiphumi esandleni,” kusho uVan Staden.