KUKHALWA nxa zonke ngokushona kwesishoshovu esasilwela amalungelo abantu ikakhulukazi ngesikhathi sobandlululo, u-Advocate George Bizos.
UBizos oshone ngoLwesithathu ebusuku, wazakhela udumo engummeli wezishoshovu zomzabalazo njengoba waba ngummeli wowayengumengameli uMnuz Nelson Mandela.
Owayengumengameli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthe elakuleli lilahlekelwe umuntu obeqotho.
“Siyi-IFP sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe. Amacala amaningi adume ngawo kubalwa iRivonia, Delmas Treason Trial, icala likaNkk Winnie Madikizela-Mandela, namanye amaningi. Besihloniphana naye noma kwakukhona izinto ezazishiwo ngami kodwa wayazi ukuthi ngiwumuntu onjani. Sibe nenhlanhla ngokuthi umuntu onjengaye enze izwe lethu libe ikhaya lakhe,” kusho uButhelezi.
Ne-ANC izolo ithumele umyalezo idlulisa amazwi enduduzo.
“Silahlekelwe ummeli obenekhono, obezinikele ekutheni umthetho usebenzele abantu, lokhu ukwenze kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uMnuz Pule Mabe okhulumela i-ANC.
UMabe uthe yize uBizos azalelwa eGreece, weza kuleli ngo-1941 waqala walwela abantu esemncane emsebenzini wakhe wokuba ummeli.
UBizos kuthiwa waqala ukuzibandakanya ezintweni zepolitiki esafunda eNyuvesi iWits.
UBizos ubesondelene futhi elekelelana nabaholi be-ANC okubalwa o-Albertina Sisulu, Trevor Huddleston, Winnie Madikizela-Mandela, Mac Maharaj, Rob Adam, Mosiuoa Lekota, Popo Molefe nabanye abaningi.
I-SACP ithe: “UBizos ubengummeli ohlonishwayo nonegalelo ekulweni nobandlululo nokulwela amalungelo abantu.”
Inhlangano iFreedom Under Law, ithe: “Ukushona kukaBizos kuzoshiya isikhala kwezomthetho. Hamba kahle, uyohlangana namanye amaqhawe asasishiya,” kusho isikhulu sale nhlangano uMnuz Nicole Fritz.
NoMengameli Cyril Ramaphosa nowayengumengameli uMnuz Thabo Mbeki badlulise amazwi enduduzo emndenini kaBizos.