ZISWELE amaphiko okundiza izintombi nto zaKwaHlabisa. Lokhu kungenxa yokuthi kubuyiswe umcimbi woMkhosi woMhlanga, obese kuphele iminyaka emibili ungahlelwa ngemva kokuhlasela kweCovid-19 ephazamise ukusebenza kwezwe.
UNksz Olwethu Ngcobo, osekuphele iminyaka eyisikhombisa ehamba uMkhosi woMhlanga, uthi kumhlukumeze kakhulu ukumiswa komcimbi woMhlanga ngoba abantu bangakubo bebezitshela ukuthi akaselona itshitshi.
"Ukuhlekwa ngabantu kungidalele ingcindezi enkulu kangangoba bese ngisaba nokuhlanganyela nabantu ngoba nginqena izindaba abebezikhuluma njengoba besisamile ukuhamba umhlanga. Njengoba izinto sezibuyele esimweni ngizimisele ngokuthi ngiqhubeke nokuqhakambisa ubutshitshi bami futhi babone bonke abese beqala ukungigxeka ukuthi ngisawuhamba umhlanga," kusho intombi nto.
UNksz Smenyiwe Dlomi, owaqala ukuhamba umhlanga eneminyaka eyisishiyagalombili, uthi ujabule kakhulu ngoba sebebuyela emhlangeni. Uthe injongo yakhe ukuthi aqhubeke nokuba yisibonelo esihle kubantu abasha abasebancane kunaye.
UNdlunkulu Sebenzile Hlabisa, uzidonse ngezindlebe izintombi eziyala ngobungozi bokuphuza utshwala.
"Kumnandi ukubona izintombi zithakasela imicimbi efana nalena ngoba kuke kwavela izinkulumo zokuthi ziyaphoqwa izingane. Ngakho kuyathokozisa kakhulu ukubona izintombi zizimbandakanya emcimbini efana nalena," kusho uNdlunkulu.
Uxwayise izintombi ngobungozi bokuphuza utshwala, wathi bunobungozi obukhulu kubantu besifazane.
Imeya kaMasipala iBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo, ithe inhloso yomcimbi ukugqugquzela izintombi zendawo ukuthi zingapheli umfutho wokuhamba umhlanga.
"Sigqugquzela ukuziphatha kahle kubantu abasha. Siyisizwe sithi isintu sethu siyaziqhenya ngaso. Sifisa ukuthi nezintombi ezihamba umhlanga ziqhubeke nokuzigqaja ngobuntombi bazo," kusho imeya.
Khona manjalo umkhandlu wesule izinyembezi zezakhamizi zaKwaHlabisa, ezakhahlanyezwe izikhukhula ngegilosa, ngokubambisana nenhlangano, iGift of the Givers.