AMAPHOYISA anxenxa izivakashi nezakhamuzi abangcebeleka emabhishi ukuthi bahlale beqaphile emva kwesigameko sokuminza kwabantu abathathu eThekwini ngempelasonto.
Sishaqe abaningi lesi sehlakalo okulimale kuso abantu abawu-17 eNorth Beach, eThekwini ngoMgqibelo ntambama.
Kuthiwa abantu bebengazelele, bezibhukudela kumnandi kanti bazombozwa yigagasi ebelinamandla eliqubuke bengazelele, lajika isimo saba muncu ngemzuzwana nje.
Igagasi elinamandla kuthiwa lifakele ingcindezi abantu abebebhukuda, kwaphetha ngokuthi kushone abathathu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abantu abathathu, ababili abadala noyedwa osemusha, bashone besendaweni yesehlakalo.
UNetshiunda uthe abalimele balashwe ngabezimo eziphuthumayo base bephuthunyiswa ezibhedlela.
“Sicela abantu ukuthi bahlale beqaphile emabhishi futhi babhukude ezindaweni ezigunyaziwe. Abantu abangakwazi ukubhukuda kumele benze isiqiniseko sokuthi kuba nomuntu obagadayo uma bengena emanzini,” kuxwayisa uNetshiunda.
Okhulumela uMasipala iTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela uzwakalise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe yizihlobo.
UMayisela uthe zithwale kanzima izinhlambi zabo ezingu-35 ebezihlenga ababhukudi abevile ku-100 abambandakanyeke kulesi gameko.
“Phezu kwemizamo eyenziwe ngabezimo eziphuthumayo behlenga impilo yabantu, ngeshwa abathathu badlulile emhlabeni, abanye baphuthunyiswa ezibhedlela,” kusho uMayisela.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ekhulunyelwa nguMnuz Lennox Mabaso, ucele umbiko ophelele ngesigameko, ngenhloso yokubeka ukuphepha kwabantu eqhulwini.
“Kubukeka kube yisimo semvelo obengekho umuntu obengakwazi ukusilawula, kodwa uhulumeni uyafuna ukwazi ngoba okubalulekile wukuphephisa abantu. Siyanxusa kubantu ukuthi uma bezozijabulisa ikakhulukazi emabhishi, ezokuphepha bazibeke phambili,” kusho uMabaso.
UMabaso uthe abantu kumele baqikelele ukuthi abantu babhukuda eduze kwalapho kukhona izinhlambi ukuze bezohlengeka ngokushesha uma kunesimo esiphuthumayo.
Uthe uhulumeni ukhalisa imindeni eshonelwe futhi uzoqinisekisa ukuthi iyalashwa ngokomphefumulo nangokwengqondo.
Imizamo yokuthola imindeni yabashonile kayiphumelelanga.