KUBE nokudideka enkantolo ngesikhathi amaphoyisa abamba iqhaza ngesikhathi kuboshwa abomdabu baseNdiya abasolwa ngokuqotha abohlanga ngezibhelu, ePhoenix, ephika izitatimende ezifungelwe uMbuso othi zabhalwa yiwona.
Amaphoyisa abekade ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ecaleni eliqulwayo lokubulawa kowayengumfundi ka-matric, uMondli Majola (19) ngoJulayi 2021.
Abasolwa okuyizelamani zakwaGovender, uDylan noNed bathweswe icala lokubulala nawokuzama ukubulala ababehamba noMondli.
Iphoyisa elingumseshi, uSergeant Mluleki Sabela futhi elabamba iqhaza ngesikhathi abagilwa bekhomba abasolwa esiteshini iBrighton Beach, lithe kalazi ukuthi sabhalwa ngubani isitatimende esingasayiniwe okuthiwa ngesalo.
USabela unikezwe lesi sitatimende ngumshushisi, u-Advocate Bonginkosi Mbokazi obemelusa ngemibuzo ohlangothini loMbuso ngeqhaza alibamba.
“Ngangisegunjini lasesiteshini ngisiza ngokugada abagilwa ababezokhomba abasolwa ukuze bangabhungi ngengqikithi yecala. Lokhu ngakubhala phansi ngakusayinela kwifomu lasesiteshini. Angimazi umphenyi waleli cala futhi angazi ukuthi sabhalwa ngubani lesi sitatimende esinamagama ami,” kuphika uSabela obekhombisa ukudideka ephethe isitatimende.
Emuva kukaSabela kufakaze uWarrant Officer Commins, osophikweni lwabaseshi esifundeni saseThekwini naye olandulile wathi uyaseshwama isitatimende esifungelwe esibhalwe ngaye kodwa esingasayiniwe anikezwe sona ngesikhathi ethula ubufakazi.
“Iqhaza lami kwakuwukulanda ofakazi kwelinye igumbi ngibayise lapho babekhombela khona abagilwa. Angizange ngisibhale isitatimende engikhonjiswa sona lapha enkantolo, ngiyaqala nokusibona,” kuziqhathulula leli phoyisa.
Ngaphambi kokuthi kufakaze lawa maphoyisa amabili, iJaji Gregory Noel Kruger likhombise ukunengeka lathi yimbudane eyenzekayo ngenxa yokushoda kwemininingwane ecacile emaphepheni athinta icala uMbuso owahlinzeke inkantolo.
Ubuze uMbokazi ukuthi kubhekwe kuphi naleli cala njengoba ziziningi izinto uMbuso ongazihlinzekile.
UKruger, ukusho lokhu ekususela kwi-albhamu yezithombe ezashuthwa yiphoyisa uCaptain Nathaniel Zacharia, elisophikweni iCriminal Record Centre, ePhoenix.
UZacharia wathwebula izithombe ezingu-224 kodwa wafaka ezingu-96 kwi-albhamu enekelwe inkantolo.
Kulezi zithombe kukhona ezikhombisa indawo yesigameko ePhoenix, ezokumbiwa kwesidumbu sikaMondli e-Eastern Cape nezokuhlolwa kwesidumbu wudokotela.
Ebufakazini bakhe uvumile ukuthi wenza iphutha esebhala ukuthi izithombe zathwetshulwa ngo-2018 ekubeni izibhelu zazingo-2021.
Namuhla kulindeleke ukuthi uMbuso ubize ofakazi ababili omunye wabo udokotela owaxilonga abagilwa.