KWETHULWE inqwaba yezimoto zamaphoyisa ezidluliselwe eziteshini ezehlukene KwaZulu-Natal, okuthiwa kuhloswe ngazo ukulekelela amaphoyisa ekulweni nobugebengu kulesi sifundazwe.
Lezi zimoto, ezilinganiselwaku-188, zidluliselwe nguKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, njengoba beziqoqelwe enkundleni yezemidlalo eTruro Hall eMgugundlovu, izolo.
Emva kokudlulisela ngokusemthethweni lezi zimoto kubaphathi beziteshi abehlukene, uMkhwanazi unxuse amaphoyisa ukuthi azisebenzise ukusiza umphakathi kuleso naleso siteshi ezidlulisele kuso.
“Ngilindele ukuthi iziphathimandla emaphoyiseni ziqinisekise ukuthi zonke izimoto zenza umsebenzi ezithengelwe wona, akuzona ezokusetshenziselwa imisebenzi okungesiyona eyasemaphoyiseni. Kumele sizigade, siqinisekise ukuthi amaphoyisa azishayelayo azisebenzisa ngendlela efanele,” kusho uMkhwanazi.
Lezi zimoto ezidluliselwe eziteshini ziyinhlobo ezehlukene kusuka esithuthuthwini kuya emalolini athwala imoto uma ifele emgwaqweni, okuthiwa azosiza kakhulu ekutheni uma kwenzeka imoto yamaphoyisa ifele emgwaqweni kungathenjelwa kwezinye izinkampani ukuyithwala kodwa akwazi ukusizakala ngazo.
Kuwona kukhona nasebenza njengeziteshi zamaphoyisa ezingomahamba nendlwana ukuhambisa usizo lwamaphoyisa emiphakathini. Usihlalo wamakomiti aqaphe ubugebengu emphakathini kuMasipala weTheku, uMnuz Aidan David, uthe ukudluliswa kwalezi zimoto eziteshini zamaphoyisa kuwumqondo omuhle, ozoba nomthelela omuhle ukusiza ukulwa nobugebengu.
“Lokhu kuzosiza ukuqedaukushoda kwezimoto eziteshini zamaphoyisa. Sekuyisikhathi sokuthi sibe nezimoto ezanele, siyethemba futhi ukuthi zizosetshenziswa ngendlela, zingaxhashazwa,” usho kanje.
Ukushoda kwezimoto zamaphoyisa ngesinye sezikhalo umphakathi ovamise ukubhekana nazo uma ubika amacala eziteshini zamaphoyisa, okuba nomthelela wokuthi afike sekudlule isikhathi, ikakhulu eziteshini ezisemakhaya.