AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal, anxuse abantu ukuthi baqaphele, bangehlibenyuka nemali njengoba sekusondela isikhathi samaholidi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe lesi yisikhathi lapho izigilamkhuba ziphuma inqina ziyobamba inkunzi ngakho kufanele abantu baqaphele. Uthe ziningi izindlela ezingeyona ingozi abantuabangazisebenzisa ukugcina imali.
“Abantu abazijwayeze ukuphatha imali encane, kuthi okunye okudinga imali okufana nokukhokha noma ukudlulisa imali, bakwenze ngamaselula,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe kuyasiza ukuthi abantu bavule ama-akhawunti asebhange ukuze uma befuna ukushintshisana ngemali, bakwenze kuwo, ukugwema ukubanjwa inkunzi.
“Lokhu kuzosiza njengoba kulindeleke ukuthi abantu bezitokofela bahlukanise imali yonyaka wonke. Uma besikhipha lesi samba semali, bazobe bezibeka engcupheni,” kusho yena.
ULt Col Gwala uthe kuvamile ukuthi ulwazi lwezindawo nezikhathi lapho okusuke kuzohlukaniswa ngazo kuyithole indlela yokufinyelela ezindlebeni ezigebengu, bese bebanjwa kanjalo ke inkunzi abantu.
Phakathi kwamanye amacebo okuzama ukugwema ukubaumgilwa wokubanjwa inkunzi, nakhuongakwenza;
■ Shintshanisa izinsuku nezikhathiohamba ngazo uma uyofaka.
■ Ungalinge utshele abantu ukuthi uya ebhange, noma ngabe basondelenekangakanani nawe.
■ Ungayivezi obala imali oyiphethekulayini wokuyoyifaka ebhange.
■ Gwema ukuphatha imalingesikhwama esiyibonakalisayo,i-briefcase noma uveze obala ibhuku.
■ Kubalulekile ukuthi uthole elinye ibhange elifanayo eliseduze ukuze ulisebenzise uma uyofaka imali, lokhu kusiza ekutheni izigebengu zingakwazi ukuqaphela indlela oyisebenzisayo.
■ Uma selikhulile ibhizinisi tholainkampani elanda imali yebhizinisi kuwe.
■ Kugweme ukuholela izisebenzi zakho kubuka wonke umuntu,okungcono thola indlela yokuthi uzikhokhele ngebhange.