KUTHOLAKALE inqwaba yezidakamizwa, imali, amaselula, ithelevishini nokunye ngesikhathi kugasela amaphoyisa maqede kwathula umsindo ejele laseWestville, kuleli sonto.
Lo mkhankaso ubuholwa uKhomishana woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke, uMnuz Makgothi Thobakgale.
Ekhuluma nabezindaba uThobakgale uthe, ukungabuyi kwabo belambatha kusho ukuthi umkhankaso ube yimpumelelo.
“Phakathi kwezinto esisazitholile amaselula angaphezu kwayishumi, ama-charger, ama-router amabili, ama-cable okungafanele ngabe angaphakathi, izidakamizwa okubonakalayo ukuthi ziyadayiswa ngoba zifakwe emaphakeshaneni amancane nokunye. Lo mkhankaso siwubona ube yimpumelelo ngoba lokhu esikutholile, sikuthathile, nabatholwe nakho kuzofanele bachaze kabanzi ngakho,” kusho uThobakgale.
Phakathi kwamaselula atholwe eziboshweni, bekukhona nama-smartphone.
Ubalule ukuthi isiboshwa esitholwe nethelevishini, siphuciwe yona ngoba sehlulekile ukuletha imvume yokuba nethelevishini.
Uthe uma benze imikhankaso efuze lena, iziboshwa ezitholwa nezinto ezingavumelekile, zibekwa amacala.
“Kusuke kufanele zisichazele ukuthi ngubani ozilekelele ukuthi zingenise lezo zinto ngaphakathi ejele. Sizithathela izinyathelo, kanjalo nalabo ojele abasuke bezilekelele,” kusho uThobakgale.
Uqhube wathi imvamisa bayaxoshwa emsebenzini ojele okutholakala ukuthi babandakanyeke ekungenisweni kwezinto ezingafanele ejele.
Ohlangothini lweziboshwa ezitholwe nezinto ezingafanele, uthe ziye zishintshwe ziyohlaliswa engxenyeni yejele lapho okuhlala khona iziboshwa eziyingozi.
“Konke lokho esikutholile esiboshweni, kubhalwa phansi kwirekhodi laso kuphinde kuvulwe icala emaphoyiseni, ngokuhamba kwesikhathi konke lokhu kuba nomthelela ongemuhle kuso,” kusho uThobakgale.
Echaza ngomkhankaso uthe ubufaka phakathi amaphoyisa angaphezu kuka-200, ahlukaniswe amaqoqo angu-15, maqede agasela ezitokisini ezehlukene lapho okugcinwe khona iziboshwa ezenze amacala angena ngaphansi kuka-Medium B.
Uthe imikhankaso bayayiqhuba njalo emajele ehlukene.