AMAPHEPHA asebhange kammangalelwa wokuqala kwelokufa kukaSenzo Meyiwa, uMuzikawukhulelwa Sibiya, aveza okushayisanayo nalokhu ayekushilo.
UMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda, weneke amaphepha asebhange aveza ukuthi ikhadi likaSibiya lasebenza eGauteng ngezinsuku zesigameko. USibiya phambilini, wathi wayengekho eGauteng ngonyaka okwabulawa ngawo uMeyiwa.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, ngo-2014, eVosloorus, eGauteng.
USibiya wathi yena wahlala eGauteng kodwa wabuyela emakhaya esephelelwe wumsebenzi, isigameko senzeka engekho.
USibanda uveze ukuthi phakathi kukaJulayi 3 noNovemba 28, 2014, ikhadi likaSibiya lasebenza eGauteng.
“NgoJulayi 3, 2014, ikhadi lasebenza eMiami Tavern lapho okwasebenza khona uR200. Laphinda lasebenza eNaledi, eGoli, lapho okwakhishwa khona uR600. Kunesikhathi lapho okwakhishwa khona uR200,’’ kusho uSibanda.
Uthe lahamba njalo ikhadi lilokhu lisebenza laze lafika naKwaNongoma, lasebenza nakhona. Kuke kwavela phambilini ukuthi uSibiya udabuka khona KwaNongoma.
Abameli babamangalelwa ngesikhathi kwenekwa lobu bufakazi, bathe abaphikisani nokuthi kwemukelwe njengobufakazi benkantolo. Kwenekwe namarekhodi asebhange abanye abamangalelwa ababoshwe kuleli cala.
Kuvele udaba lwenombolo yocingo okuthiwa yasetshenziswa wummangalewa wesibili uBongani Ntanzi. Kuvela ukuthi kuleyo nombolo kwatholakala umyalezo wasebhange oqondene noNtanzi.
Ummeli kaNtanzi, uMnuz Sipho Ramosepele, uthe ikhasimende lakhe liyayiphika leyo nombolo, lithi akuyona eyalo.
IJaji uRatha Mokgoatlheng likhumbuze uRamosepele ngodaba lwenombolo, lathi uNtanzi wathi inombolo eyomuntu thizeni amaziyo. URamosepele uvumile ukuthi uNtanzi, uthe inombolo eyentombzane ayejola nayo kudala.
Icala lisheshe laguqa ngenxa yokuthi uMbuso ubungenabo ofakazi abaseduze emuva kokwethulwa kobufakazi basemabhange. UMbuso uthe uzobuyisa ungoti wamaselula uLiutenant Gideon Gouws.
Kulindeleke ukuthi abameli baqhubeke bapheke ngemibuzo uGouws ngobufakazi abethula obuninda abamangalelwa. Kuvunyelwane ngokuthi icala libuyele enkantolo kusasa, lingahlali namuhla ngoba uGouws uzobe engekho.