AMABUTHO kaZulu athi asemagange, awasakwazi nokuzibamba ngendlela asewujahe ngayo umcimbi wokunikezwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi esisemthethweni ngenyanga ezayo, ozoba ezinkundleni iMoses Mabhida, eThekwini.
UNdunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, isanda kumemezela ukuthi umcimbi uzokuba ngo-Okthoba 29. Kulindeleke ukuthi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, anikeze iSilo isitifiketi ngokusemthethweni.
IMbube izonikwa isitifiketi emuva kombango wesihlalo onzima oqubuke emuva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, kwaze kwayiwa ezinkantolo. Emuva kwezinqumo zezinkantolo, uRamaphosa wamemezela ukuthi uhulumeni wemukela iSilo uMisuzulu kaZwelithini, njengofanelwe yisihlalo sobukhosi.
ISilo senzelwe umcimbi ngokwesintu ngenyanga edlule, lapho sasifakwa esibayeni esigodlweni KwaKhangelamankengane. Umcimbi wokufakwa esibayeni uhambisana nesintu lapho iSilo sibikwa emakhosini asakhothama.
Isolezwe lixoxe namabutho abethamele uMkhosi weLembe KwaDukuza ngempelasonto lathola ukuthi asewulangazelele umcimbi waseThekwini.
Okhulumela amabutho, uMnuz Muziwokubongwa Nyandeni, odabuka oSuthu, KwaNongoma, uthe sebeyabuka nje ngamehlo engqondo ukuthi kuyobe kunjani.
“Sesiyabuka nje ukuthi kazi kobe kunjani nje ngalo suku, siyajabula kakhulu sizimisele ngalowo mcimbi, simi ngomumo. Ayikho enye into ekhulunywayo manje ngaphandle kwawo,’’ kusho uNyandeni.
Unxuse ukuthi uhulumeni alekelele ngazo zonke izinhlelo ikakhulu ezokuthutha ukuze amabutho afike wonke.
“Siyafisa uhulumeni angasincishi ezokuthutha ngoba siyophuma ngobuningi bethu. Ngiyanxusa ukuthi noma kukhona izingqinamba zezokuthutha kodwa amabutho awaphume ngobuningi bawo ngalolu suku,’’ kusho yena.
UNyandeni obuye abe ngunobhala wekomiti lezinduna, uthe kubona njengamabutho, wukusuku olukhulu ngoba bayoba yingxenye yomlando bebona iSilo sabo sinikwa isitifiketi sobukhosi.