UMFELANDAWONYE wezinyunyana, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), uthi akuzona neze izindaba zokujatshulelwa ukuthi amathuba omsebenzi ande ngo-48 000 ngekota yokugcina yonyaka odlule.
IStatsSA iveze ukuthi amathuba omsebenzi anyuke afinyelela ku-9 960 000 esuka ku-9 920 000 ayemi kuwona ngoSepthemba, wonyaka odlule.
UMnuz Trevor Shaku okhulumela iSaftu, uthe akuzona neze izindaba zokujatshulelwa lezi ngoba lawa mathuba omsebenzi adalekile bekungamatoho, amathuba omsebenzi angempela adalekile ngonyaka odlule abe wu-6000 kuphela.
I-StatsSA ithe kudaleke amathuba esikhashana kwezohwebo (49 000), kwezamabhizinisi (9000) nasezimayini (2000).
Iveze ukuthi amathuba omsebenzi ehle ngo-94 000 phakathi kukaDisemba 2021 noDisemba wonyaka odlule, yathi kuqashwe ngokugcwele abantu abangu-6000 phakathi kukaSepthemba noDisemba wonyaka odlule. Kwehle ngo-9000 ukuqashwa kwabantu ngokugcwele ngesikhathi esifanayo.
UShaku uthe yizindaba ezibuhlungu lezi ebantwini baseNingizimu Afrika abangaphezu kuka-11 million abaswele umsebenzi ngoba bathola amatoho esikhashana.
Uthe imikhakha yezokwakha, ezokuthutha, okagesi nowezokukhiqiza emafemini, iyona elahlekelwe kakhulu ngamathuba omsebenzi njengoba igcina ngokuqasha abangamatoho.
“Ukunyuka kancane kwamathuba omsebenzi akuwenzi umehluko ngoba baningi kakhulu abantu abaswele umsebenzi.
“I-Saftu iyaqhubeka nokunxenxa ukuthi kube nesibonelelo sabangasebenzi esiwuR1 500 ukuze abampofu nabangasebenzi bangabulawa yindlala nobuphofu,” kusho uShaku.