UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele uyalele amaphoyisa ukuthi asiqinise isandla uma ebhekene nezimo lapho izigebengu zikhombisa khona indlakadla.
UCele utshele amaphoyisa ukuthi angabi nazwelo futhi akungabi yiwona ahlulwayo empini yawo nezigebengu.
UCele usho kanje embuthanweni obuseSoweto eGoli lapho ebekade ephelezelwa iphini lakhe uMnuz Cassel Mathale noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola bethule khona uhlelo olwaziwa ngokuthi “i-Operation Shanela”
“Uma izigebengu ziqinisa isandla nina siqiniseni kakhulu. Asikwazi ukuthi kube ithina esicosha izidumbu zamaphoyisa emuva kwempi. Izigebengu eNingizimu Afrika zicabanga ukuthi zinamalungelo amaningi, ngakho zikhombiseni ukuthi ayikho leyo nto,” kusho uCele.
Uhlelo obelwethulwa luhlanganisa ukumiswa kwabantu nezimoto kuseshwe, ukusatshalaliswa kwamaphoyisa aqaphe ubugebengu, izivimbamgwaqo, ukuthungathwa okunzulu kwabafunwa ngamaphoyisa ngamacala okubulala nawokudlwengula.
Ngalolu hlelo amaphoyisa azoba iphela endlebeni ezindaweni okudayiswa kuzona utshwala ehlola ukuthi iyalandelwa imithetho yokuhweba futhi abheke nezindawo okudayiswa kuzona izimpahla esezisebenzile.
Lapha kuphinde kwethulwa uhlelo lokulwa nokuthungathwa kwezigebengu kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje ama-drones.
UMasemola uthe ukuphumelela kohlelo abebekade belwethula kuncike ekusebenzisaneni okuhle kwabo nezinhlaka ezehlukene.
“Sikholwa wukuthi akukhona nje kuphela ukuthi sisemgudwini okuyiwona wona ekunciphiseni izenzo zobugebengu kepha senza kahle uma kuza ekuqiniseni ubudlelwano bethu nemiphakathi,” kusho uMasemola.
Ngaphambi kokwethulwa kwalolu hlelo amaphoyisa abekade eholwa uCele nabamahlelo ehlukene kuhulumeni bagasele kwakuncane indawo enkabeni yedolobha eGoli.
Lapha kuboshwe abantu bokufika abangu-200 abebengenazo izimvume ezibagunyaza ukuthi babe seNingizimu Afrika.
Amaphoyisa aveze nokuthi kuboshwe abantu abangu-55 675 kusukela ngoMeyi 8 nonyaka ngamacala anhlobonhlobo okukhona awokubulala, awokudlwengula nawokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.