UKUSHONELWA unina esemncane ngenye yezinto ugogo kadado osewundabuzekwayo angafisi ithikameze injabulo yakhe. UNhlalonhle Mazubane (6) ohlala esigodini saKwalangakazi eNhlungwane ofunda uGrade R eMveloyamaswazi ukhuliswa ugogo wakhe ozala uyise uNksz Ntombizodwa Langa.
Yize ewugogo uNksz Langa kodwa yena nomndeni wakhe noyise kaNhlalonhle ongunogada bazama ngayo yonke indlela ukumgcina ewumntwana ojabulile ukuze singabikhona isikhala sikanina. Ukuthola nothando kothisha esikoleni uNksz Langa ukuchaze njengesibusiso kuye nomzukulu wakhe.
" UNhlalonhle usomahlaya wenza impilo ibe mnandi nasekhaya into yakhe nje ukusihlekisa. Ngathuka ngibona i-video seyidume kangaka noyise wamangala kodwa siyajabula uma sekukhona ababone nethuba lokusebenzisa le nto yeDanasoli ukwenza izimpahla zokugqoka. Sifisa kukhule nobudlelwano osebuqalile," kusho uNksz Langa.
UNKK Nonhlanhla Dube waseSikhaleni onguthisha kaNhlalonhle nabanye abafundi abawu-14. uthe ekilasini lakhe, owesibili lo nyaka emfundisa uqale naye uGrade RR. UNkk Dube ufike ngo-2010 kulesi sikole eqhutshwa wuthando lodado nokufuna ukubabona benakekelwa futhi bekhaliphile. Uchaze uNhlalonhle njengomfundi okhaliphile futhi ozikhulumelayo nothanda ukugqama ekilasini. "Ngiyazithanda izingane nokubenzisa imisebenzi ehlukene kuyabafundisa benganakile bejabulela nokuthi siyashutha. Maningi ama-video esiwenza nabo kodwa lena abantu bayithande kakhulu. Isifiso sami esikhulu ukuqhubeka nokuzithuthukisa ngolwazi ukuze nabo bathole imfundo engcono, kuyimanje ngenza iDegree ngizimisele ngokuqhubeka nokufunda," kusho uNkk Dube.
Uthishomkhulu walesi sikole uNkk Jabu Makhunga uchaze uNkk Dube njengothisha onothando futhi owenza nesimo sodado sibe sezingeni elingcono nelifanayo esikoleni yize beqhamuka emakhaya angafani.
Owe-ANCYL KwaZulu-Natal uNksz Sizophila Mkhize uthengele umndeni kaNhlalonhle igilosa kaKhisimusi nezibiliboco ngaphansi kwenhlangano yakhe engenzi nzuzo asiza ngayo umphakathi iSizophila Samaritan Foundation.
Uphinde wanikeza uNhlalonhle inqwaba yezipho okubalwa amathoyizi ehlukene amanye azomsiza emsebenzini wakhe wesikole. Injabulo imibhalwe ebusweni ngesikhathi evula isipho zakhe, kodwa ebukeka enamahloni ebona abantu angabazi, wazibongela benogogo wakhe naye obejabule ngokufanayo.
UMnuz Themba Mthembu ongumhleli wemicimbi ophinde abe imenenja kaThina Zungu abehambisana naye uyena oqhamuke nezimpahla zokugqoka zeDanasoli.
Uthe bebefuna ukuqala bayozethula emndenini nasesikoleni ngaphambi kokuthi zidayiswe. " Sithe asiqale ngezikipha zodado, ezokuqala sibone kukuhle ukuthi sizilethe kuye umnika kuqala ngaphambi kokuthi siqale umkhiqhizo ozodayiswa. “Sebeqalile abantu bayazifuna izimpahla, sikulungele ukusebenza ngenhloso yokuvikela igama nokuqoqa inzuzo ezobhekela uNhlalonhle akwazi ukuqhubeka nesikole ngaphandle kwezingqinamba ngezinto ezidinga imali, njengokukhokhela izindleko zokugibela uma eya esikoleni ngoba sikude," kusho uMthembu.