ANGASE ahlangabezane nengwadla ekunyukeni intaba engcwele ngoJanuwari, amaNazaretha obuholi boNyazilwezulu uma kwenzeka isinqumo senkantolo sigunyaza ukuthi lugudluzwe esihlalweni.
Lokhu kuvezwe wuMshumayeli Chancey Sibisi okhulumela umholi wamaNazaretha, iNkosi Phinda Shembe Ukukhanyakwelanga.
Uthe sebelinde isinqumo senkantolo njengoba babefake isicelo sokuthi kugudluzwe uNyazilwezulu eBuhleni, uma sibavuna ngeke baluvumele ukuthi luye entabeni.
“Yize singasayi ezintabeni ezifanayo kodwa indawo esetshenziswa wuNyazilwezulu njengamanje njengentaba engcwele, eyomholi wamaNazaretha osakhothama iNkosi uThingolwenkosazana. Le ndawo iNkosi yayiphiwa yiNkosi yesizwe uGcwensa ukuthi kwakhiwe kuyona umuzi webandla. Ingenye yezindawo ezibhaliswe njengezindawo zebandla okumele kube wumholi ogunyaziwe kuphela oyisebenzisayo. Uma isinqumo senkantolo sivumelana nathi ukuthi uNyazi alugudluke esihlalweni lungabe lusaziphathisa okomholi kuzobe kuphoqa ukuthi lungayi kule ndawo lihola ibandla ngoba kuzobe sekushayelelwe isipikili sokugcina sokuthi aluyena umholi. Uma kungukuthi isicelo sisivunile impela sizovimba ngayo yonke indlela ukuthi luye kule ntaba esibizwa ngeKhenana,” kusho uSibisi.
USibisi uveza lezi zindaba nje ubuholi bazo zonke izinhlangothi zakwaShembe sebuvumelene ngezinsuku okuzoshintshwana ngazo ukuya entabeni ngoJanuwari njengoba kusuke kuyisikhathi sokunyuka intaba eNgcwele iNhlangakazi.
Abaholwa wuNyazilwezulu banosuku lwabo abazonyuka ngalo belibhekise entabeni iKhenana engahlangene neNhlangakazi.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe akukho abazokuphawula okwamanje kuze kube bezwa isinqumo senkantolo. Uthe namaNazaretha awangaphazanyiswa yilokhu kodwa alinde uNyazilwezulu luhlahle indlela.
Ngokwezinhlelo zokunyuka intaba, kuzoqala abaseKuphakameni, abazonyuka ngoJanuwari 2 babuye ngomhla ka 8, kube abaseBuhleni abazonyuka ngomhla ka 3 kuya ku-22, kube abaholwa Ukukhanyakwelanga abazonyuka ngomhla ka 9 babuye ngomhla ka 14 bese kuba abaseGinyezinye abazonyuka ngomhla ka 15 babuye ngomhla ka 21.
Ngokwabaholi balezi zinhlangothi, abaseBuhleni abazinze eMzinyathi, baholwa wumholi uMduduzi Shembe Unyazilwezulu, abazinze eThembezinhle baholwa wumholi uPhinda Shembe Ukukhanyakwelanga, abaseGinyezinye baholwa wumholi uSizwe Shembe uMudliwamafa bese kuba abaseKuphakameni abaholwa wumholi uVukile Shembe Incoyincoyi.