UNgqongqoshe wezeMfundo kwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu uzifikele mathupha esikoleni iGrosvenor Girls School eBluff, eningizimu yeTheku lapho kuqubuke khona imibiko ngokucwaswa kwabafundi.
Abazali bavuke umbhejazane basabisa ngokuphazamisa ukufunda bekhala ngokungaphathwa ngendlela kwezingane zabo kulesi sikole.
UMshengu uthi uma kunezinkinga ezikoleni, kunemigudu ekumele ilandelwe ukuze kuxazululeke lezo zinkinga. Akekho umzali onelungelo lokuvala isikole aphazamise ukufunda ngenxa yezikhalazo abanazo.
Uthi kube nodaba oluthi umfundi webala elimhlophe ubuze omnyama ukuthi ufunani lapha ngoba isikole sabo lesi. “Lo mfundi ulubike kuthishanhloko lolu daba, kodwa wathi lo mfundi unelungelo lombono wakhe,” kusho uMshengu.
Uthi ziningi izikhalazo ezivelile lapho abafundi bethi babizwa ngamagama, naye angakwazi ukuwaphimisa lapha.
Bavuke umbhejazane abazali babafundi baseGrosvenor Girls School kuvela imibiko yokucwaswa kwabafundi. @KhulekaniMaseko #GrisvenorGirls pic.twitter.com/CZs3tQxvD2
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) March 1, 2022
ZITHWALE kanzima izikhulu eMngweni wezeMfundo KwaZulu-Natal zihambisana noNgqongqoshe uMnuz Kwazi Mshengu esikoleni i-Grosvenor Girl's High, abazali besho ukuzicaphuna ngezandla befuna kumiswe uthishomkhulu emva kokuvela kwezinsolo zokucwasa ngobuhlanga. I-Video Khulekani Maseko pic.twitter.com/66lVOt9cpA
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) March 1, 2022
UDABA OLUQHUBEKAYO