UPixley Shabangu (69) ushone ngempelasonto esibhedlela iCharlotte Maxeke, ngemuva kokugula isikhathi eside exinwe wushukela.
Umsunguli wemidlalo yethelevishini eyahlukene uDuma Ndlovu, ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi izindaba zokudlula kukaShabangu ziqinisekiswe yindodana yakhe, uNkululeko Shabangu.
“UShabangu uqashe ababhali abahlukene kumasizini angu-10 ngesikhathi umdlalo usekwiSABC, ukuzama ukuheha ababukeli abehlukene kodwa ngebhadi kwafakwa eminye imidlalo emisha. I-SABC iqhubekile nokukhombisa impinda kodwa.”
UShabangu ushiye emhlabeni amadodana amabili namadodakazi amabili. Uzofihlwa ngoLwesihlanu kodwa imininingwane ayikaqinisekiswa.
UMuzi Wezinsizwa wawuyintandokazi kuleli uthakaselwa ngabaningi ngenxa yokugaba kwawo ngamancoko.
UShabangu ulandela abalingisi bomdlalo wakhe abashone eminyakeni edlule.
Phakathi kwabo kubalwa uWashington Sixolo owayedlala indawo kaJwara, Roland Mqwebu owayenguMkhize, Nyembezi Kunene iphoyisa uMchunu, Shadrack Ngema owayelingisa indawo yenyanga uMagubane noBafana Mlangeni owayedlala indawo kaSibeko. Muva nje kusanda kushona * -Arthur Mbambo obesedlala indawo kaMnyamane Buthelezi kuMuvhango.
Abasele kukhona kubo uVusi Thanda (Tshawe), Jerry Phele (Mofokeng) noJabulani Nkosi (Chirwali).