IMK ithi izoqhubeka nokuduba umhlangano wePhalamende elikhulu eCape Town kodwa amalungu ayo aseKZN azofungiswa eSishayamthetho namuhla.
I-ANC iphunyukwe amandla okubusa yodwa okokuqala emuva kweminyaka engu-30 nokuphoqe ukuthi ihambe iphaphatha ixoxa namanye amaqembu.
IMK ichithwe yiNkantolo yoMthethosisekelo izama ukumisa ukuhlala kwePhalamende elizohlala namuhla lifungise amalungu, kukhethwe usomlomo nomengameli.
IMK ikhala ngokuthi kukhona okungahambanga kahle okhethweni obelubanjwe ngenyanga edlule futhi isola ukuthi amavoti ayo awabalwanga kahle.
IMK igile izimanga okhethweni ingena okokuqala emuva kokuthi imenyezelwe ngoDisemba nyakenye. IMK imenyezelwe ngowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ekhala ngokuthi akeneme nge-ANC ngaphansi kukaMengameli wayo, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Okhulumela iMK, uMnuz uNhlamulo Ndhlela, uchaze ngezinhlelo zabo zanamuhla njengoba kuwusuku olukhulu olubhekwe ngabomvu.
“Amalungu ethu aseKZN azoya eSishayamthetho kodwa ngeke siye ePhalamande ngoba namanje sisamile ekutheni imiphumela asiyemukeli. IPhalamende liyindawo ekahle yokuzwakalisa izikhalo zethu,’’ kusho uNdhlela.
Ngokwesitatimende esikhishwe iMK seliyozilahla kunina, amalungu abo azoya kofungiswa eziShayamenthetho enezihlalo kuzo.
Uthe basazobuka ezinye izindlela zomthetho zokuqhubeka nokukhononda ngemiphumela yokhetho abangeneme ngayo.
IMK ePhalamende inezihlalo ezingu-58 kanti eKZN inezihlalo ezingu-37. KwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi kukhethwe uhulumeni wobumbano namuhla. I-IFP ihlangene ne-ANC ne-DA ne-NFP benza izihlalo ezingu-41 okungabenza bathathe umbuso.
Uma kuba kanjalo kuyobe kuchaza ukuthi iMK ne-EFF bazoba yizibukeli bebe ngamaqembu aphikisayo. Kuleso sivumelwano kulindeleke ukuthi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, aphakanyiselwe kwesikandunankulu.
Kulindeleke ukuthi abanye bamanye amaqembu banikwe izikhundla ezehlukene ngokuhambisana nesivumelwano sobudlelwano.
IMK ike yazama ukuxoxa neNFP enesihlalo esisodwa esizonquma ngohulumeni kodwa kwacaca ukuthi abavumelani. I-IFP yona imemezele ukuthi ike yathola isimemo somhlangano kwiMK kodwa yagcina ingafikanga.
I-ANC yona imemezele ukuthi ingena kuhulumeni wobumbano ne-DA, IFP namanye amaqembu asazovela.
Uma iPhalamende likhethe ngempumelelo, kuzolandela ukugcotshwa kukamengameli bese eqoka ikhabhinethi yakhe azosebenza nayo.
Ngenxa yesivumelwano sohulumeni wobumbano, kulindeleke ukuthi kuvele ongqongqoshe bamaqembu ahlukene uma sekuqokwa ikhabhinethi.