I-National Freedom Party (NFP) yethembisa abantu bakuleli ukuthi izokwenza isiqiniseko sokuthi bathola amanzi ahlanzekile.
Leli qembu belethula izethembiso zalo zokhetho eMabhanoyini, KwaNongoma, izolo. Lithe amanzi ayimvelo kodwa kukhona ubudedengu obenziwe ngabantu abebephethe abangazange bazenze izinhlelo eziyizo zokuthi abantu bathole amanzi ahlanzekile emakhaya njengoba abantu abaningi bangenawo amanzi.
UMnuz Jeremiah Bhekumthetho Mavundla umholi waleli qembu, uthe bafuna ukuthi umuzi nomuzi ube nompompi ophuma amanzi ngoba miningi imizi enompompi kodwa abaphumi manzi.
"Umengameli wethu, uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, ubehlale egcizelela ukuthi amanzi kumele abe segcekeni ngoba umpompi osesigangeni ungavulwa inoma ngubani ozihambelayo amanzi amosheke. Amakhansela ethu, uma abantu bekhetha thina azokwenza isiqiniseko sokuthi lapho kukhona amanzi. Uma amapayipi evuza azolungiswa zingakapheli izinsuku ezimbili. Kuyaziwa ukuthi lapha eZululand kunompompi asebeze babizwa ngomakoti abakhophozayo abasemagcekeni, abangaphumi amanzi," kusho yena.
Okunye leli qembu elithe lizokwenza, ukuthi liqinisekise ukuthi imigwaqo engenela emakhaya iyakhiwa ngoba yona yakhiwa ngomasipala.
"Njengamanje siphila esikhathini seCovid-19 kodwa izinsiza zokuzivikela kuleli gciwane azitholakali mahhala, akufani nangesikhathi kufika iHIV, amakhondomu ayetholakala yonke indawo. Uma abantu bengasinikeza ithuba, sizokwenza isiqiniseko sokuphucula ezempilo. Izifonyo nezibulali -magciwane zitholakale mahhala ukuze kunqandeke ukusabalala kwaleli gciwane," kusho yena.
UMavundla uthe udaba lokushoda kwemisebenzi ngolunye udaba olubaluleke kakhulu kule nhlangano ngakho izokwenza isiqiniseko zokuthi ezinhlelweni zomphakathi ezikhona, abantu bendawo yibo abasebenzayo.
Esephetha unxuse amalungu ale nhlangano ukuthi angehlukani ngoba kuzokwehlisa amandla abanawo.
"Ngo-2013, nganikeza amatshwele angu-50 inhlangano yomama ukuba bawakhulise badle bese beyadayisa. Emuva kwamasonto amabili bathi kimi behlukaniselene ngawo, kwayilowo nalowo wazikhulisela ngayedwa. Lawo matshwele awazange akhule afike esigabeni sokuthi abe yizinkukhu zenyama. Nathi uma sihlukana ngeke siphumelele," kuxwayisa yena.
Lolu kuzobe kuwukhetho lokuqala leli qembu elilingenela ngaphandle komsunguli walo uNkk Zanele Magwaza-Msibi osanda kushona.
Namanye amaqembu ezepolitiki abengazibekile phansi kule mpelasonto.
Abaholi bamaqembu ezepolitiki ehlukene bebephume kuzo zonke izinkalo ngempelasonto, behambe benxenxa abavoti njengoba ukhetho selusemome.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ubekhankasa eGauteng.
Izolo, le nhlangano yethule umqulu wezethembiso kwizakhamuzi zakulesiya sifundazwe.
I-DA yethule abayimele okhethweni lohulumeni basekhaya kuMasipala waseThekwini.
I-ATM yethule oyimele kwesobumeya kuMasipala waseThekwini.
Le nhlangano yethule inyanga, uDkt Andile “Muzimbukhalimali” Dlamini, njengoyimele kwesobumeya kulo masipala.
I-BLF yona yethule abazoyimela kulolu khetho kuMasipala iJohannesburg.