ABE-EFF abaziwa ngokweseka umholi weMK, uJacob Zuma, baphika ukuthi bazolandela obeyiphini likamengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, osejoyine iMK.
Amalungu ePhalamende, uMnuz Carl Niehuas no-Advocate Busisiwe Mkhwebane, bachithe amahlebezi okuthi bazolaxaza i-EFF.
UNiehaus waziwa ngokuba phambili ekwesekeni uZuma, u-Advocate Mkhwebane uthathwa njengomuntu ozwelana noZuma.
Amahlebezi okuthi bazojoyina iMK aqale ukubhebhetheka ngoLwesine ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi uShivambu uyashiya kwi-EFF.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukushilo ukuthi bakulindele ukuthi kukhona abathembekile kuShivambu abazohamba naye. Nokho uNiehaus no-Advocate Mkhwebane bathe bazoqhubeka bayibambe kwi-EFF.
UNiehaus uthe akakuphuphi ngisho elele ebusuku ukushiya i-EFF.
“Ngizoqhubeka nokuba ilungu le-EFF elethembekile. Namanje ngisasho ukuthi i-EFF iyona kuphela elwela izinguquko kwezomthetho. Ngakho ngizoqhubeka nokusebenzela iqembu ngokwethembeka.”
UNiehaus uthe ngempelasonto uzokube ekhankasela i-EFF eGoli, lapho kuzokuba nokhetho lokuchibiyela.
UNiehaus ugxeke nesenzo sokhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, oshiye kwi-EFF, noShivambu, wajoyina iMK.
UNiehaus uthe uManyi bekungafanele ashiye i-EFF kabuhlungu kanje.
“I-EFF yakuthatha ngesikhathi ubhekene nezinkinga empilweni yakho, yakufukamela. Iyona ndlela obabonga ngayo le?”
U-Advocate Mkhwebane uthe ngeke ayishiye i-EFF, wayibiza ngekhaya lakhe. “Angisoze ngiphoxe amalungu e-EFF.”
Udaba lokushiya kukaShivambu kwi-EFF luyaqhubeka nokuba segudwini, abaningi babona isigameko sizohlukanisa phakathi i-EFF.
Nokho inhlangano yabafundi edlelana ne-EFF, i-EFF Students Command, inxuse amalungu enhlangano ukuba ehlise amaphaphu.
Unobhala wenhlangano, uMnuz Khanya Bungane, unxuse amalungu eqembu ukuba angavumi ukuphazanyiswa ilesehlo.
“Njengoba sibheke okhethweni lobuholi basezikhungweni zemfundo ephakeme, sinxusa ukuthi kube nobumbano. Abafundi ayikho enye inhlangano abayaziyo ngaphandle kwe-EFF. Lesi yisikhathi sokuthi sikhankase, akusona isikhathi sokuthi silahle ithemba.”
UBungane uthe bayakholelwa ebuholini bukaMalema.
“Kufanele ngazo zonke izikhathi sihlale sigade labo abafuna ukudala uqhekeko. Kufanele siyivikele ngakho konke esinakho i-EFF.”