BEBENGAZI ukuthi izingane zabo zizalwa ngosuku olufanayo ne-ANC omama ababelethe izolo esibhedlela e-Addington, eThekwini, abavakashelwe ubuholi bale nhlangano.
Zine izingane ezizalwe izolo kulesi sibhedlela okuwusuku okwasungulwa ngalo i-ANC egubha iminyaka engu-107 nonyaka. UMengameli we-ANC Women’s League (ANCWL), uNksz Bathabile Dlamini, ubungaze izingane ezizelwe, wazipha nezipho. Ubehambisana nePhini lakhe uNkk Sisi Ntombela ophinde abe nguNdunankulu waseFree State, uDkt uSbongiseni Dhlomo onguNgqongqoshe wezeMpilo eKZN nowezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN uNkk Weziwe Thusi. UNksz Dlamini uthe bakhethe ukugubha lolu suku nezingane njengoba kuzoba nengqungquthela enkulu eMoses Mabhida ngoMgqibelo. Unxuse onina bezingane ukuthi bazixoxele ngisho sezikhululile ngalolu suku olunomlando.
UNkk Nosipho Dlamini (32) waseManzimtoti okunguye yedwa obelethe umfana futhi obelethe kuqala ngo-12.45 entathakusa, uthe ubengazi ukuthi ubelethe ngosuku okwasungulwa ngalo i-ANC. Uthe uzwe izolo ekuseni betshelwa ukuthi bazovakashelwa abaholi.
UNksz Lungile Msomi (29) ohlala emgwaqweni kuMansel, ukhethe ukuqamba ingane yakhe ngo-Amkelwa noSisipho ngoba ubengalindele ukuthi izokwamukelwa kubo.
“Ngihlala nomama odayisa kuMansel. Yingane yami yesibili lena, bengisaba ukuthi umama uzothetha ngoba angisebenzi. Kungijabulisile ukuthi ayamukele kahle njengesipho,” echaza.
UNksz Zafika Mathobela (33) naye ohlala kuMansel uthe useyomtshela ngisho esekhulile uLethani ukuthi wabungazwa abaholi be-ANC ezalwa. Naye uthe ubengazi lutho ngokubaluleka kukaJanuwari 8.
Izingane ezizelwe ziphiwe izipho ezahlukene okubalwa izingubo zokugqoka.
UNksz Slindile Ndlovu waseMlaza uthe ubalethelwe iNkosi abaholi be-ANC ngoba ingane ibingenakho okokugqoka. Uthe ubelokhu elinde abakubo ukuthi bamlethele izingubo zengane ngoba akafikanga nazo ezobeletha.
UDhlomo uthe zonke lezi zingane zizophuma sezinezitifiketi zokuzalwa ngoba banamahhovisi oMnyango wezaseKhaya esibhedlela.
UNksz Dlamini udlulele nasesibhedlela e-Edendale eMgungundlovu ukuyokwamukela izingane zikaJauwari 8, okushaye isikhathi sokuloba ziyisishiyagalolunye ebese zizelwe.