UMPHOSTOLI wodumo lwezintshumayelo ezakhayo, uSolwazi MS Mpungose, ushiye abazalwane bebambe ongezansi ngenhlamba esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Nabazalwane bakhwele badilika kuye bemsola ngokuhlambalaza phambi kwezingane. UMpungose ubeyisimenywa ebandleni iGod Never Fails Revival Church (GNF) Ministries eThekwini emasontweni adlule. Uthuse abaningi entshumayelweni yakhe elokhu esebenzisa amagama aqosheme njengo“Fuse*&”.
Umsunguli weGNF Ministries, uMbhishophi ND Nhlapo, uziqhelanisile nokuqukethwe intshumayelo kaMpungose. "Ngifuna ukukucacisa ukuthi mina, Mbhishophi ND Nhlapo, yize sinegunya lokumema abashumayeli ebandleni lethu, asiphoqi noma sitshele zivakashi zethu ukuthi zithini entshumayelweni yazo," kusho isitatimende sikaNhlapo esisabalaliswe ekhasini likaFacebook waleli bandla.
"Nakuba kunjalo ngiyaxolisa eMzimbeni kaKhrestu namaphethelo, iGNF Revival Church, umphakathi waseNingizimu Afrika nakuwo wonke umuntu ophathwe kabi futhi wahlukumezeka ngezinye izitatimende ngenkonzo yangeSonto eledlule egatsheni laseThekwini leGNF," kuphawula uNhlapo.
NoMpungose ube esekhipha esakhe isitatimende ngenxa yokuzwa igidigidi ngentshumayelo yakhe eshaqise abantu abaningi.
Uthe okumenza afuna ukuphawula ngezinkulumo zabantu ukuthi intshumayelo yakhe uyenze ePulipiti labaholi abahloniphayo nabazisa kakhulu.
"Kungenxa yalobu buhlobo nokusebenzisana osekuneminyaka esondela kwengamashumi amabili phakathi kwethu, kumele ngimele ngiphefumule. Eminyakeni engaphezu kuka-30 ngaqala ukushumayela, ngafundiswa, ngakhela phezu kwaleli qiniso elithi 'Intshumayelo ingukukhuluma kukaNkulunkulu phakathi kwabantu ngalowo iNkosi emsebenzisayo.' Iba wukwakha, ukufundisa, ukukhuza, ukuqunga isibindi, ukuxwayisa nokuqondisa kokunye kwakho." Eqhuba uMpungose uthe abayilalele yonke intshumayelo yakhe bayakuqonda ukuthi intshumayelo yakhe inazo ezinye zalezi zakhiwo ezahlukene.
Uthe kule minyaka aseyiphilile njengeNceku kaNkulunkulu uyabazi ubunzima nobuhlungu nezinhlamba zokosungula nokwakha umsebenzi ngokuthunywa yiNkosi.
"Ngike ngabona, ngazizwela bonke lobo buhlungu ohambweni lwami neNkosi. Uma bengikhuluma eBandleni likaSobaba uNhlapo kuvuke lezo zinseka ngaphandle kokuthunywa nguyena. Ngazile ukuthi kumele ngime naye njengesimenywa sakhe ebandleni, ukuveza ukubaluleka kozinzo emsebenzini awubizelwe yiNkosi."
Uthe nanoma emenywe kuliphi ibandla kungumkhuba wakhe ukuma akhuthaze abangcwele ukuqinisela emsebenzini wobizo lwevangeli nombono webandla.
"Nina beSilo ngifundisiwe inhlonipho futhi ngingumuntu olalelayo. NeZwi leNkosi lithi: 'Ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiyaluyalu kepha ungowokuthula', ngakho-ke kulabo abezwe ukulumela kwamagama nalawo angakhiyo entshumayelweni yami, kayidle izibekele baNgcwele. Makungabi kukhulu ukulumela kwamagama kunomongo nengqikithi yentshumayelo. Nangomuso ngiyothi uma ngikhuza noma ngishumayela ngesibindi kodwa ngigweme lamagama. Ngiyabonga, owenu eNkosini nasekushumayeleni kwevangeli likaKhrestu, uJesu umfeli wethu," kuphetha uMpungose webandla iProf M.S Mpungose Ministries & HOBCI.
UNhlapo usamukele isixoliso sikaMpungose wabe esethandazela ukuba uNkulunkulu axolele bonke abakhulume amazwi angemahle kuMpungose. "IBhayibheli lithi ungathinti abagcotshwa. Bantu bakaNkulunkulu sidinga ukuqaphela ngoba kwesinye isikhathi ungazibizela iziqalekiso ezingenasidingo empilweni yakho neyomndeni ngokukhuluma kabi ngendoda kaNkulunkulu. Angisho ukuthi akumele ulungise indoda kaNkulunkulu kodwa qaphela ukuthi uphawula kanjani. UMose wenza iphutha kodwa uNkulunkulu wamjezisa ngokuthi udadewabo abe nesifo somopho," kuphetha uNhlapo.