BANIKEZWE umyalelo wokuba babaphathe kahle abagibeli abaphila nokukhubazeka abashayeli bamatekisi abangaphansi kwesifunda iLembe ngesikhathi kunesigcawu sokufundiswa kwabo ngokuphathwa kwabagibeli.
Lesi sigcawu besiseBallito, futhi sihlelwe yiSantaco esifundeni ngokubambisana nesikhungo esijutshwe ukuba senze umsebenzi wokucija abashayeli ngokuziphatha, esibizwa ngokuthi yiThe Sky's The Limit Training Academy.
Bangu-200 sebebonke abashayeli bamatekisi abaphume ngezinkani beze kulesi sigcawu. Usihlalo weSantaco kulesi sifunda, uMnuz Sibongiseni Kubheka uthe inhlosongqangi yesigcawu ukunikezela ngoqeqesho olwanele kubashayeli mayelana nokuphathwa kahle kwabagibeli.
UKubheka uthe bathathe isinqumo sokuthi bakubeke eqhulwini ukuthi babafundise futhi babakhumbuze ngokubaluleka kokuba bangalenzi iphutha lokubakhipha inyumbazana abagibeli abaphila nokukhubazeka.
''Iqiniso ukuthi abagibeli bethu abaphila nokukhubazeka nabo bangabantu futhi nabo bayibona abagibeli bethu. Ngakho-ke siyimboni yamatekisi sifuna ukuqinisekisa ukuthi banakekelwa ngendlela efanele,'' usho kanjena.
Wengeze ngokuthi kunemibiko embalwa abake bayithola ebiveza ukuthi abanye abashayeli babo bamane babazibe endleleni abagibeli abaphila nokukhubazeka.
"Kwesinye isikhathi uye uthole ukuthi umshayeli wetekisi uyamdlula umgibeli ohamba ngesihlalo agijimele ababili abaphambili ngoba bona bebabili futhi bengeke bamhluphe ngokudinga usizo lokugitsheliswa kufakwe nesihlalo esinamasondo emotweni,'' usho kanje.
Uthe abashayeli bafuna bazi futhi bakuqonde kahle kamhlophe ukuthi bona njengobasi babo babahlonipha kangakanani abagibeli abaphila nokukhubazeka. Uthe leli yikhwelo abafuna ukuba lisabalale kuzona zonke izingxenye zeKwaZulu-Natal.
Abagibeli abaphila nokukhubazeka nabo bebekhona kulesi sigcawu. Bakuthakasele ukuzwa kukhulunywa ngokubaluleka kokuba baphathwe ngendlela efanele ematekisini.
UMnuz Smakelo Mbatha ongomunye wabashayeli uthe bajabule kakhulu ngalesi sigcawu ngoba sibakhumbuze izinto eziningi ezimayelana nokuphathwa kahle kwabagibeli.
UNksz Nompumelelo Msomi we-Sky's The Limit uthe zimqoka kakhulu izigcawu zalolu hlobo. Uthe ziyabalekelela kakhulu abashayeli ngokubakhumbuza ngendlela efanele yokuphathwa kahle kwabagibeli.
Uthe abashayeli kuhle ukuba kukhulunywe nabo futhi nabo balalelwe ngoba nabo zikhona izinto ezigcina zibakhinyabeza eziholela ekutheni bangabe besawenza ngendlela ekahle umsebenzi.
Kulesi sigcawu abashayeli baphathe izingqwembe bezwakalisa ukukhathazeka nesigameko esiyindaba egudwini sokuhlukunyezwa kukaCwecwe.