UKUGXAMBUKELA kwabantu abaseceleni abangazi lutho ngesihlalo sobuKhosi bamaZulu, ngenye yezinto okukhalwe ngayo futhi yakhuzwa ngabanewabo beSilo esesabuza iNkosi uZwelithini kaBhekuzulu. OMntwana uVulindleka kaBhekuzulu, uMntwana uMathubesizwe kaBhekuzulu noMntwana Mbonisi, bakhale ngabaxova umndeni.
Basho lokhu izolo esithangamini nabezindaba e-ICC, eThekwini, ngenhloso yokubhoboka futhi bachaze ngesimo saseNdlunkulu, lapho bedalule futhi baqinisekisa ukuthi ngokwabo - zonke izinto zihamba kahle futhi akukho ukungaboni ngaso linye.
Lokho kungenxa yokuthi sekukaningi kuvela izinkulumo zokuthi iNdlunkulu ihlukene phakathi ngenxa yezingxabano nokungaboni ngasolinye okuqhubekayo ngaphakathi, obekusolakala ukuthi kudalwa wumbango oshisayo ngaphakathi wesihlalo sobuKhosi, okumanje kuhleli iNkosi uMisuZulu Sinqobile kaZwelithini Zulu.
Ekhuluma nabezindaba, uMntwana uVulindlela uthe nakuba bengesibo abantu abakhonze ukuqaphela nokunaka izinto ezishiwo ezinkundleni zokuxhumana kepha sekufinyelele nasezindlebeni zabo izinsolo zokuthi ayibhekani eNdlunkulu.
“Njengoba sihlangene kule nkundla namhlanje (esho izolo) kubalukekile ukuthi sidalule umsuka nencazelo yalapho esikhona manje. Kusukela ngesikhathi sokubuza kweSilo, umnewethu uMdlokombane, kube nomsindo omkhulu eNdlunkulu ngodaba lwesihlalo. Lowo msindo usinyove wasiqeda siyindlunkulu, kwabhebhethekiswa nawukungenelela kwabezepolitiki ezindabeni zobukhosi, oningi labo abanalwazi lomsuka wesihlalo sobukhosi bakwaZulu nokunye okweyamene naso. Yingakho sibone kusemqoka ukuhlangana, sicacise ukuthi akukho okwenzekayo okungahambi kahle futhi kungamampunge ukuthi iNdlunkulu ayibhekani ngoba thina esihlala khona nsuku zonke siyakweshama lokho,” usho kanje.
Eqhuba uMntwana uVulindlela wesihlahla sozalo lomndeni wesihlalo sobuKhosi, udalule ukuthi lokho bakwenze ngoba befuna ukuthi abantu baqonde ukuthi ngobani abazalelwe ebukhosini. Kusukela embumbini wesizwe sobukhosi bakwaZulu iNkosi uShaka, kuze kuzofika kokhona manje - ukwenzela ukuthi kwazeke ukuthi ngobani okumele baphawule ngezinto zomlando wobukhosi ukugwema ukudukiswa kwabantu ngenhloso.
“Silapha nje namhlanje sazi kahle ngomsindo namacala ukuthi kube nomthelela ongakanani ekuzamazamiseni iNdlunkulu nesihlalo sobukhosi bakwaZulu. Yingakho injongo yethu okwamanje akukona ukukhuluma ngokuziphatha kwamazinyane ngoba lokho akuyona into yokukhulunywa esidlangalaleni. Nokho siyakuqinisekisa futhi siyakugcizelela ukuthi ukuziphatha kahle yinto esiyiqaphe ngeso lokhozi ukugwema izinkiinga,” kusho uMntwana uVulindlela.