BAWOTHA ubomvu abaphakela izikole KwaZulu-Natal, abakhala ngokulinda umnyama ongenafu ezikhulwini zoMnyango wezeMfundo esifundazweni, ezingabuyi nezimpendulo ezikhalazweni zabo.
Labo sonkontileka sebenqumele inhloko yoMnyango, uMnuz Nkosinathi Ngcobo, ukuthi iphendule izikhalazo zabo ngoLwesibili ozayo.
Okuseqhulwini kwabakhala ngakho ngukunganyuswa kwemali yokuthenga igesi yokuphekela abafundi nokungakhokhelwa kokunye ukudla abakuyisa ezikoleni.
UMnuz Xolani Shange wenhlangano yabaphakela izikole, uzwakalise ukuphelelwa yisineke ngokulinda izimpendulo ezingabuyi emnyangweni.
UShange uveze ukuthi umnyango wala ukukhokhela okunye ukudla abakuyisa ezikoleni.
“Uma siphatha indaba yophuthu, umnyango ukhokhela impuphu kuphela awube usayibala indaba yokuthi ophuthwini kufaka nosawoti. Uma kwenziwa isitshulu, awuwakhokheli amafutha no-curry powder wokunandisa. Kanjalo no-anyanisi awukhokhelwa.”
Uthe endabeni yegesi, umnyango ukhokha imali encane kakhulu kunale owawuyikhokhela inkampani eyahluleka ukwenza lo msebenzi yagcina iphuciwe.
“Le nkampani eyayinikwe lo msebenzi yayizokhokhelwa uR2 100 ngegesi engu-48kg. Thina sikhokhelwa uR1 360 ngale gesi. Ibiza imali engafani le gesi ezindaweni ezehlukene kanti imali esikhokhelwa yona incane.”
Uthe osonkontileka sebependuke baxhasa uhulumeni ngoba incane kakhulu imali abayitholayo.
“Ukudla kunyuka njalo. Izikhulu zomnyango ziyakwazi lokhu ngoba zikuthenga njalo emakhaya azo. Ilayisi liyabiza manje kodwa sisakhokhelwa imali okulokhu sakhokhelwa yona kuqala inkontileka. Imali ayinyuki ihambisane nesimo somnotho samanje. Osonkontileka bayaveva manje ngoba bakhathele ukuxhasa uhulumeni,” kusho uShange.
Uthe sebecabanga nokungakuhambisi ukudla abangakhokhelwa imali yakho.
“Okwamanje asikafiki ekutheni sidube ukuhambisa ukudla esingakhokhelwa khona, sihambise lokhu okumele sikuhambise. Uma umnyango uqhubeka usiziba, ngoLwesibili sizohlangana sikhiphe umkhombandlela.”
Uthe kubalulekile ukuthi izikhalazo ezikhona zilungiswe ngaphambi kokuvulwa kwezikole.
“Asifuni ukuthi kushaye isikhathi sokuvulwa kwezikole kusanalezi zikhalazo. Sifuna kuthi kuvulwa kube sekuxazululeke yonke into ngoba sizimisele ukwenza umsebenzi ngendlela.”
Okhulumela umnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona.
Akuqali ukuthi kube nomsindo ngalolu hlelo oluhlinzekwa ngezigidigidi zamaRandi nguhulumeni.
Phambilini, abafundi babhuqwa yindlala ngenxa yezinkinga ezazilukhungethe.