USOSESHINI waseThekwini iSouth Beach & North Beach Addington Taxi Association unikele ngamathelevishini esibhedlela osebenzela ngakuso, i-Addington izolo.
Kuze kube manje, lo soseshini usunikele ngamathelevishini ayisithupha kwezinye izibhedlela ezimbili zikahulumeni ezingaphansi kwezindawo ezihanjelwa ngamatekisi ale nhlangano okubalwa nesibhedlela iKing Edward.
Umcimbi wokunikezela ngala mathelevishini bewukulesi sibhedlela.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe, uDkt Sibongiseni Dhlomo, ubengomunye wabebezojabulela lo mnikelo.
UMphathi wase-Addington uDkt Mthetheleli Ndlangisa, uSihlalo weSouth Beach& North Beach Addington Taxi Association uMnuz Yusuf Khaliva, ikhansela lendawo uMnuz Musa Dlamini nezinye izikhulu zezinye izibhedlela nethimba leSantaco noHlokomela bebekhona kulo mcimbi.
UNdlangisa uthe lo soseshini uqale wafuna ukunikela ngokudla nangamathoyizi kodwa bawucebisa ngokuthi kungakuhle ukhiphe umnikelo obonakalayo.
“Yilapho-ke kwabe sekuvela umqondo wamathelevishini. Saphakamisa ukuthi kufakwe nezinye izibhedlela okuyiKing Edward neKing Dinuzulu kodwa bakhala ngokuthi eKing Dinuzulu kusebenzela omunye usoseshini.
“Babe sebeveza ukuthi bazothengela i-Addington amaTV amathathu bese amanye amathathu etholwa iKing Edward. Ngiyajabula namhlanje ngoba bakhombisile ukuthi abagcini ngokwethembisa kodwa bayazigcina izithembiso,” kusho uNdlangisa.
UKhaliva uthe ngalo mnikelo bayazibongela esibhedlela sase-Addington njengoba lo soseshini bawusungula eduze kwalesi sibhedlela ngo-1992.
“Sizama nokugeza igama lemboni yamatekisi njengoba idume ngokuthi inodlame. Thina asikaze saba nodlame futhi kusaphethe iMeya uMnuz James Nxumalo saze sagubha ukuqeda iminyaka engu-20 sisebenzisana ngokuthula nozakwethu. Uma kunephuzu abangahambisani nalo, bayalichitha. Sinobudlelwano obuhle.”
UKhaliva ube esethembisa ukuthi kunamanye amaTV azowathenga ngokubambisana nozakwabo kule minyaka emithathu ezayo futhi bazobuye baphonse itshe esivivaneni ngoSuku lwabaHlengikazi oluba ngiMeyi 12.
UDhlomo usishayele ihlombe lesi sipho sikaKhisimusi futhi wanxusa nezinye izinhlangano zisike iphethini kulo soseshini ngokwenza umehluko emphakathini.
Uveze nokuthi uMnyango wakhe usebenzisana neSantaco ukwenza ezempilo zifinyelele kalula ngisho nakubagibeli.