MHLENGI SHANGASE
U KUSHINTSHWA kungazelele kwezindawo zokubhala izivivinyo e-University of South Africa (Unisa) KwaZulu-Natal kwenze abafundi abangaphezulu kuka-60 eThekwini bangazibhala izivivinyo.
Abafundi bakhala ngokuthi babone sekumele babhale ukuthi izindawo ababebhalisele ukubhala kuzona zivaliwe.
NgoMsombuluko iqulu labafundi abangabhalanga lifike emahhovisi e Solezwe lizokhala ngokungahleleki kwalesi sikhungo njengoba bephuthwe yizivivinyo zamaphakathi nonyaka.
Omunye wabafundi, uNothile Mbhele waseMlazi, ongabhalanga iFinancial Accounting, uthe ubazi ukuthi ubhalela ehholo elikwa-W eMlazi kodwa uze wazitholela yena ngoba eseyobheka kwi-internet ukuthi usebhalela eThekwini.
Uthe ufike kuleli hholo sekuqaliwe ukubhala wangavunyelwa ukuthi abhale ngoba efike ngemuva kwesikhathi kwaze kwathiwa uyoze abhale nabachibiyelayo ngo-Okthoba.
“Ngibuyele e-Unisa, eThekwini ngafica bebaningi nabanye abafundi abangabhalanga nabo abahlangabezane nesimo esifanayo. Inyuvesi imane yashintsha izindawo zokubhalela ingasazisanga. Mina njengoba ngihlala eMlazi ngangivele ngibhalisele ukuthi ngizobhala khona kodwa kwamane kwashintsha izinto ngomzuzu wokugcina,” usho kanje.
Uthe ngeke akwazi ukulinda kuze kube u-Okthoba ngaphambi kokuba abhale ngoba isikhathi siyahamba.
Omunye wabafundi uSindisiwe Khathi, uthe bekumele abhale izivivinyo zika-Abet kodwa ngenxa yokushintshwa kwezindawo zokubhalela wafika lapho ayebhalisele ukubhala khona kungabhalwa.
“Ngintuntile ngaze ngashaya ucingo kodwa ngathola ukuthi ngibhalela ehholo eMngeni. Kube nesiminyaminya emgwaqweni ngafika sekukade kuqaliwe ukubhala. Ukube isikhungo sasazisa kunesikhathi ukuthi ziyashintshwa izindawo zokubhalela ngabe ngibhalile,” usho kanje.
ULeonard Lekhula, ongumgcinimafa emkhandlwini wabafundi iSRC kule nyuvesi, uthe bangaphezulu kuka-60 abafundi abangabhalanga ngoMsombuluko kule nyuvesi ngenxa yokushintshwa kwezindawo zokubhalela.
Uthe zintathu izindawo ezivaliwe obekubhalelwa kuzo, okuyiseMlazi, Chatsworth nasehholo eNtuzuma.
“Sizamile ukukhuluma nabaphathi ngale ndaba ngoba abafundi abazange baziswe kusenesikhathi ngokushintshwa kwalezi zindawo zokubhalela. Umfundi uma ebhalisa usho indawo eseduzane naye azobhalela kuyo izivivinyo zakhe. Kungenzeka ukuthi baningi nabanye abangezanga bazobika kodwa abahlangabezane nale nkinga sebethi beyobhala bafica lezo zindawo zivaliwe,” usho kanje.
Usabise ngokuthi bazomisa ukusebenza kwale nyuvesi uma kungukuthi abaphathi abayisukumeli le ndaba abafundi baziphinde izivivinyo zabo ungakapheli uJuni.
Okhulumela i-Unisa, uMnuz Martin Ramotshela, uthe baxhumana nabafundi ngama-sms nezincwadi mayelana nokushintshwa kwezindawo zokubhalela.
Uthe bamatasa babheka izikhalo zabafundi, bazozilungisa kuya ngokuthi isikhalo sithini.
“Sizoxhumana nabafundi abathintekayo kulolu daba ukuze sibachazele ngokumele bakwenze,” kusho uRamotshela.