Ungqongqoshe wezeMfundo eGauteng uMnnuz Matome Chiloane usezwakalise ukushaqeka ethola ukuthi abafundi abane baseQinisweni Secondary School, e-Ivory Park, bazibulele phakathi kuka-Ephreli 26 noMeyi 5 nonyaka.
Ngokwesitatimende, isigameko sokuqala senzeka ngo-Ephreli 26 lapho kuthiwa umfundi owayenza uGrade 10 waphuza ushevu ekhaya.
Kuthiwa waphuthunyiswa emtholampilo lapho ashonela khona.
“NgoLwesine ngoMeyi 2 umfundi kaGrade 11 oyintombazane utholwe efile ekhaya ngabazali bakhe. Kusolwa ukuthi uzibulale ngokudla ushevu,” kusho isitatimende.
NgoLwesihlanu, ngoMeyi 3 kuthiwa kunomunye umfundi ongumfana obenza uGrade 11 naye odle ushevu oshonele esibhedlela.
NgeSonto, ngoMeyi 5 kuthiwa kunobenza uGrade 12 okusolwa ukuthi udle ushevu ekhaya washonela endleleni ebheke esibhedlela.
Umnyango uthe usuthumele ongoti abazokweluleka abafundi esikoleni nezihlobo.
UChiloane uthe kubuhlungu ukubona kushona abantu abasebancane.