"UKUDILIZWA kwavula ithuba esasingeke silicabange, kithina kwakumnandi kona ukuba yitoho ngoba sazi ukuthi sizohola"
Lokhu kushiwo uNksz Nonhle Mdunge, uSihlalo we-Isukile Co-operative eseCato Ridge.
Ukudilizwa kukaNksz Mdunge nabanye abadilizwa eRainbow Chicken ngo-2017, kwaholela ekutheni bahlangane basungule i-nkampan yabo ekhulisa ibuye idayise izinkukhu.
"Ngezinye izinsuku ngike ngimbonge uNkulunkulu ngokusifaka ebunzimeni bokuthi sizibone singenawo umsebenzi, okuyikho okusiphushele ekutheni sibhukule. Ngesikhathi sisebenza besihlala sikhala ngokuthi iningi lethu selibe yitoho isikhathi eside kodwa besilokhu sibambelele ngoba sazi ukuthi siyahola, siyakwazi ukondla imindeni yethu. Mina bese ngineminyaka emine ngiyitoho kodwa kukhona abese beneminyaka eyishumi kuya phezulu. Bengingenzi umsebenzi owodwa okungenze ngakwazi ukuyenza cishe yonke imisebenzi ebiyenziwa kule nkampani yezinkukhu kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi ulwazi enginalo ngingalusebenzisela ukuthi ngiziqalele eyami inkampani," kusho yena.
UNksz Mdunge uthe ngemuva kokuphelelwa umsebenzi bahlangana benza ikomiti elalihamba lingqongqoza eminyangweni eyahlukene licela usizo.
"UNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala wahlala nathi phansi wathi asisho ukuthi thina sibona ukuthi yini esingayenza. Wasicebisa ngokuthi sisungule inkampani wase esinika umuntu ozosisiza. Ngosizo lwakhe saxhaswa uMasipala weTheku ngemali yokuqala ibhizinisi lokufuya izinkukhu eliqale ukusebenza ngonyaka odlule ngoDisemba," kuchaza uNksz Mdunge.
Uqhube wathi ipulazi lathengwa umasipala bona baliqashe kumasipala okwamanje wathi basasebenzisa izindlu ezimbili.
"Akuyona into elula ukuzisebenza, mina njengosihlalo kumele ngenze isiqiniseko sokuthi umsebenzi uqhubeka ngendlela. Leli pulazi sifike kulo izinto eziningi sezonakele sekumele izinto eziningi zenziwe ngezandla kanti phambilini izinto bezenziwa ngemishini. Siyakwenza lokho ngoba nathi sizimisele ukuthi into yethu iphumelele. Ngosuku siyakwazi ukudayisa izinkukhu ezingu-100 kuya phezulu. Okwamanje asikwazi ukwenelisa wonke amakhasimende esinawo okusho ukuthi ithuba lokuthi leli bhizinisi likhule likhulu. Indawo leli pulazi elikuyo nayo isibeka ethubeni elihle lokuthola amakhasimende ngoba siphakathi kweTheku noMgungundlovu," kusho yena.
Bangu-129 kule nkampani kodwa bangu-34 abasebenza kuleli pulazi.
NgoLwesibili iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, ivakashele kuleli pulazi izobheka umsebenzi owenziwa ynkampani yabo.
Uthe umasipala wathatha isinqumo sokuthi uthenge leli pulazi ngoba unenhloso yokuthi ulwe nokushoda kokudla.
"Kunenkolelo yokuthi kunenyama eningi elahlwa ngamazwe aphesheya kuleli, besifuna ukwehlisa izinga laleyo nyama. Le nkampani ixhaswe uphiko lukamasipala lokuthuthukiswa kwezomnotho. Siyajabula ukuthi umsebenzi uqhubeka kahle. Okusijabulisa kakhulu ukuthi abantu abaningi abasebenzayo kuleli pulazi ngabantu besifazane," kusho yena.