INHLANGANO eyenza ucwaningo ngakho konke okuthinta izingane, iChildren’s Institute, eseNyuvesi yaseCape Town, isiphakamise ukuthi uhulumeni anyuse isibonelelo sezingane esiwu-R530 okungenani sibe phakathi kuka-R760 no-R1 500.
Lolu cwaningo, olubizwa nge-Child Gauge, luveze ukuthi u-71% wezingane zakuleli uphila emakhaya aswele.
Ingane eyodwa kweziwu-25 iyashona ngaphambi kokugubha unyaka izelwe.
UNkk Lori Lake we-Children’s Institute uthe bathole ukuthi ingane eyodwa kwezine ayikhuli ngendlela efanele ngenxa yokungadli ukudla okunomsoco nokungatholi imfundo efanele.
Uthe imfundo yasenkulisa ibalulekile kanti nokudla kuhambisana nokukhula kwengqondo nomzimba. Uthe izingane ezivela emakhaya angenakho ukudla okwanele ziyabonakala ukuthi zilambile nokwenza ingqondo nomzimba kungakhuli kahle.
UNkk Lake uthe isibonelelo sezingane yisona esilwa nobuphofu obubhekene nezingane ngakho ukunyuswa kwaso kuzoletha impilo engcono ezinganeni.
Ubalule ukuthi nabesifazane kufanele balekelelwe ukuthola umsebenzi nokudla njengoba kuyibona ababhekelela izidingo zezingane.
Ngonyaka odlule bezingaphezu kuka-13 million izingane ezihola isibonelelo sikahulumeni.
Ikhwelo lokuthi kunyuswe isibonelelo sezingane aliqali ukukhishwa yiChildren’s Institute njengoba uMnuz Mervyn Abrahams, wenhlangango eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, ehlale ecela uhulumeni ukuthi anyuse isibonelelo sezingane ukuze zizokwazi ukudla okunomsoco.
Uthe ukudla kwezingane ezineminyaka emithathu kuya kweyisishiyagalolunye kubiza u-R825.00 bese kuthi okwengane eneminyaka ewu-10 kuya kwewu-13 kubize u-R898.01
UNkk Hlengiwe Zondi, waseMpola ngaphandle kwasePinetown, onezingane ezihola isibonelelo sikahulumeni, uthe bangajabula uma uhulumeni engasinyusa ngoba ukudla kuyabiza.
“Kuyabiza ukuthengela izingane ukudla okunomsoco ikakhulukazi lezo eziya enkulisa. U-R530 awaneli, sigcina sesigcwalisela ngemali yokudayisa oswidi nokunye esizama ngakho. Kufanele uhulumeni asizwele ngoba noR370 wabangasebenzi ukhetha ibala.”
Ubalule ukuthi uma ethola isibonelelo sezingane uthenga u-2kg kapolony owu-R66.65, u-3kg wama-aphula owu-R45.71, u-4kg kabhanana owu-R58.60, u-7kg wama-orintshi owu-R62.46, amaqanda awu-60 ngoR168.19, olofu bezinkwa bezinsuku eziwu-25 ngenyanga ababiza uR381.14, u-800g we-peanut butter R84.87, u-900g kajamu owu-R38.86, u1kg wemargarine owu-R41.70, ijusi ewu-R120. Konke lokhu kuba wu-R1 068.18.
Uthe okunye ukudla okudliwa yizingane kubalwa negilosa yabantu abadala ngakho bayadinga ukuthi isibonelelo sezingane sinyuswe.
IChildren’s Institute ibuye yagqugquzela ukuthi izingane kufanele zihambe inkulisa, uhulumeni aqinisekise ukuthi kunothisha abafundisekile ngokuthuthukisa ulwazi lwezingane.