Izindaba

Utholwe elenga nezidumbu zamadodakazi owesilisa waseVerulam

Nokubongwa Phenyane|Published

UTHOLWE ezikhungile wabulala izingane zakhe ezimbili owesilisa waseVerulam

Image: Rusa

KUSOLWA ukuthi uqale wabulala amadodakazi akhe amabili eneminyaka engu-4 nengu-7, owesilisa (37) waseVerulam, eThekwini, yena wase ezikhunga.

Inkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (RUSA), iveze ukuthi ibizwe endaweni yesigameko ngemuva kokuthola ucingo lokuthi izosiza ngoLwesibili ntambama.

Ngesikhathi abakwaRUSA befika kulo muzi kanye nabezimo eziphuthumayo namaphoyisa, bazithele phezu kwesidumbu salona wesilisa silenga. Kuthe uma beqhubeka nokubheka endlini bazithela egumbini lokulala la bekukhona khona izidumbu zezingane.

Bathe imininingwane ebucayi eholele ekutheni lezi zingane zibulawe bazoyigodla njengoba kusaqhubeka uphenyo.

Eminye imithombo yabezindaba iveze ukuthi umakhelwane nguyena obike lolu daba ngemuva kokuthi ebememeza kulo muzi, njengoba ebejwayele ukubanika ukudla kodwa kwangasabela muntu.

Nomalume wezingane, kuvela ukuthi ubembikelile unina wazo ukuthi akazitholanga ekuseni.

Lona wesifazane kuvela ukuthi ubesanda kuhlukana noyise wezingane nokusolakala ukuthi yikho okuholele kulesi sigameko, njengoba bese zihlala ngokumvakashela.