Kubhekwe iqembu elizodla umhlanganiso kwaNongoma
Image: Ayanda Ndamane/ Independent Newspapers
ZINDALA zombili phakathi kwe-IFP neMKP ababukeka behamba phambili emjahweni wokunqoba ukhetho lokuchibiyela oluzokuba kuMasipala waKwaNongoma.
Ukhetho lokuchibiyela luzokuba kuWard 17, ebikade iphethwe yiNFP.
I-IFP neMKP yibona abakhiphe amangwevu ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho.
La maqembu yiwona anqobe amawadi amaningi KwaZulu-Natal ngonyaka owedlule, ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela futhi la maqembu ahlose ukuqhubeka nomgqigqo njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhya.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa nomholi weMKP, uMnuz Jacob Zuma, bashayele isipikili sokugcina ngesikhathi bekhankasela amaqembu abo ngempelasonto.
UHlabisa ukhulume emcimbini Isiyanqoba, lapho emukele khona amalungu asuka kwamanye amaqembu, wathi bafuna ukudla umhlanganiso okhethweni lwakusasa kanye nakolunye ukhetho lokuchibiyela oluzokuba emawadini amabili akuMasipala waKwaNongoma.
Kuzokuba nokhetho lokuchibiyela kuWard 7 no-20 kuMasipala waKwaNongoma, ngenyanga ezayo.
Onke la mawadi abephethwe yiNFP. UHlabisa uthe ukunqoba kuwona womathathu kuzokwenza ukuthi bakwazi ukuphatha umasipala ngokuzimela.
Njengamanje i-IFP iphethe ngokubambisana namanye amaqembu ngenxa yokungabi nezihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela.
"Alukho uzinzo kulo masipala. Sibone kushintshwa ubuholi kaningi. Yingakho sifuna ukunqoba ukhetho lokuchibuyela ukuze kuzokuba nozinzo. Sinxusa abantu bakuWard 17, 7 no-20 ukuba bavotele i-IFP khona sizokwazi ukubanikeza izidingo ngokushesha."
UHlabisa uthe bayazethemba ukuthi bazolunqoba ukhetho lokuchibiyela.
"Unyaka owedlule siwuvale kahle, sanqoba ukhetho lokuchibiyela obelukuMasipala waseMfolozi. Lo nyaka nawo siwuqale kahle njengoba sinqobe ukhetho lokuchibiyela kuMasipala waseMzumbe."
UZuma yena wamukele inqwaba yamalungu aphuma kwamanye amaqembu.
Phakathi kwalabo abamukelwe uZuma, kukhona naloyo oke waba imeya kaMasipala waKwaNongoma, uMnuz Mshangane Ndabandaba.
UNdabandaba wesule kwiNFP kanye nasekubeni yikhansela ngeledlule.
USihlalo weMKP KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe bafuna ukunqoba kuwona omathathu amawadi.
"Noma ngabe asinqobanga kulolu khetho kodwa sinesiqiniseko sokuthi kuyothi kufika ukhetho lohulumeni basekhaya, iMKP ibe isindlondlobele lapha KwaNongoma, sidle umhlanganiso. Kuzokuba noshintsho lapha KwaNongoma oluyomangaza abantu."
Abaholi beNFP abazange babonakale ngesikhathi somkhankaso.
I-ANC yona ithumele amalungu esigungu esiphezulu okubalwa kuwo uDkt Zweli Mkhize, ukuba ayokhankasela ukhetho oluzayo.
Related Topics: