Izindaba

UMsunduzi usola iMKP ngokuvala amanzi eMgungundlovu

Sabelo Nsele|Published

eMgungundlovu

Image: Independent Newspapers Archives

UMASIPALA waseMsunduzi usola iMKP ngokuhamba kwamanzi okuphazamise ukusebenza kweNkantolo eNkulu eMgungundlovu kanye namanye amahhovisi kahulumeni ngeledlule.

Izikhulu zomkhandlu sezivule icala emaphoyiseni emva kokuba uphenyo luthole ukuthi kukhona abavale ngamabomu ama-valve amanzi ezingexenyeni zedolobha.

Kuhlehliswe ukuqulwa kwamacala amaningi eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngeledlule ngenxa yokungabi khona kwamanzi ezingxenyeni eziningi zedolobha.

IPhini leMeya eMsunduzi, uMnuz Mxolisi Mkhize, linuke iMKP ngokuba nesandla ekuphazamiseni ukuhlinzekwa kwamanzi.

UMkhize uthe abasebenzi bomkhandlu asebeshiye i-ANC bajoyina iMKP bamtshela emehlweni ukuthi bazokwenza noma yini ukuze bakhiphe i-ANC eMsunduzi.

"Lokhu kukutshela ukuthi kukhona inhlese yezepolitiki uma umuntu ethi uzokwenza noma yini ukuqinisekisa ukuthi bayasikhipha emandleni. Mina ngiyilungu le-ANC kusho ukuthi bachaza ukuthi bazokhipha i-ANC emandleni njengoba nabo sebasuka kithina bayokwakha iqembu labo lepolitiki okuyiMKP. Lokho abangifihlelanga, bebengitshela. Ngibe sengidlulisa umbiko unjengoba unjalo, ngabe sengithi ake sivule icala khona kuzophenywa."

USihlalo weMKP KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, usifanise nobudedengu isenzo somkhandlu sokukhomba ngenjumbane iMKP ekubeni lungekho uphenyo olunzulu olwenziwe.

UMchunu uthe ngabe kuyezwakala ukuba umasipala sewenze uphenyo wathola ukuthi yibaphi abantu abathintekayo futhi wabavulela necala.

"Kwesinye isikhathi kuyenzeka uma abantu behluleka bese befuna ukusulela ngabanye abantu."

UMchunu uthe nabo bazoziphenya lezi zinsolo ukuthola ubuqiniso bazo.

"Angifuni ukuziphika noma ukuzivuma. Engingakusho wukuthi kuyicala ukuphazamisa ukuhlinzekwa kwamanzi. Umasipala kufanele uvule icala."

IMeya, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ithe baqale bathola isikhalo sokuthi amanzi aphuma kancane edolobheni.

UThebolla uthe bayilungisa ngokushesha le nkinga kodwa aqhubeka amanzi angaphuma ezindaweni eziningi.

UThebolla uthe babe sebeqala uphenyo ukuthola ukuthi inkinga ikuphi.

"Ngesikhathi siphenya sathola ukuthi kukhona abaphazamisa ingqalasizinda yamanzi. Sathola ukuthi kuvalwe amapayipi ahambisa amanzi edolobheni ikakhulu enkantolo enkulu."

UThebolla uthe bavule icala emaphoyiseni.

"Sisebenzisana nazo zonke izinhlaka eziphenyayo ngoba sifuna ukuthola ukuthi obani  abaphazamisa ukuhlinzekwa kwamanzi. Sifuna ukuthola ukuthi ngabe abasebenzi bomkhandlu bayathinteka yini kule nto. Uma kuwukuthi abasebenzi bethu bayathinteka nabo sizobathathela izinyathelo. Asizukugcina nje ngokubathathela izinyathelo zokubaqondisa ubugwegwe kodwa bazophinde baboshwe."

UThebolla uthe basola inhlese yezepolitiki ikakhulu njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya.

"Ama-valve abevalwe ngenhloso. Laba abenza le nto bayazi ukuthi ukuvalwa kwamanzi kuzocasula abantu. Amanzi ayilungelo elikuMthethosisekelo."