OKHULUMELA iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, uSihlalo woMkhandlu weSilo, Inkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uMntwana uThuthukani kaMcwayizeni Zulu nePhini likaNdunankulu kaZulu, Inkosi Phathisizwe Chiliza
Image: SITHUNYELWE
INDLUNKULU kaZulu ithi akumangazi ukuzwa abeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini bethi abasamukeli iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini nakuba sivunwe yiNkantolo yezoMthethosisekelo.
INdlunkulu ithe bekulindelekile ukuthi abeseka uMntwana uSimakade bangasheshi ukwamukela ngenxa yobuhlungu. Bakusho lokhu ngesikhathi bekhuluma nabezindaba izolo.
Ngeledlule, iNkantolo yezoMthethosisekelo ichithe isicelo sikaMntwana uSimakade sokuphonsela inselelo isinqumo esivuna uMengameli uCyril Ramaphosa, ngokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Isinqumo senkantolo sisho ukuphela kombango wasenkantolo. Yize kunjalo, abeseka uMntwana uSimakade bathe abayamukeli iNdlulamithi yamakhosi.
USihlalo woMkhandlu weSilo, Inkosi uZuzifa kaMangosuthu Buthelezi, uthe ngeke badikibaliswe ukuphikelela kwabeseka uMntwana uSimakade.
"Kujwayelekile ukuthi abantu uma bezwa ubuhlungu benze kanje. Kulahleke izigidi zamarandi emacaleni abesezinkantolo. Miningi imizamo eyenziwe ngaphambilini yokuba kubuyiswane. Akuzukusidikibalisa ukuba senze imizamo njengamakhosi nendlunkulu, sizozama konke ukuba kubuyiswane."
UNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uthe bazosebenzisa isinqumo senkantolo ukudala ubumbano eNdlunkulu.
"Esikhundleni sokuba silwe nabaphikisayo, kufanele sisebenzise leli thuba ukuhlanganisa iNdlunkulu kaZulu. INdlunkulu kaZulu iwumsamo kaZulu wonkana. Sizosebenza ngokubambisana namakhosi kanye neNdlunkulu ukubuyisa uzinzo. Sinethemba lokuthi nabaphikisayo bazobona ukuthi akukho lapho abasangaya khona njengoba sebechithwe yiNkantolo yoMthethosisekelo."
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, uthe iMbube iyohlezi izivulile izandla kwabaphikisayo.
"Ngizosebenzisa amagama aso iSilo lapho esake sathi khona izihlalo zabo abaNtwana, ziyohlezi zibalindile eNdlunkulu. Izandla ziyohlezi zivuliwe. Isiphetho asisho ubumnyama kwabaphikisayo ngoba bebengenzi into engakaze yenziwe. Akusho ukuphela kwempilo kulabo abebephikisa. Ngokwenkantolo sebefike kwangqingetshe. Sekufanele babuye kuzokhulunywa."
UMntwana uThuthukani kaMcwayizeni Zulu, uthe akumnandi njengoba iNdlunkulu ihlukene phakathi.
"Asithandi nathi uma abaNtwana baseNdlunkulu sibabukela kude, izihlalo zabo zikhona. Abafowabo nodadewabo beNgonyama abavundla esiswini esisodwa. Nathi nje siphelezela bona sizizwa silula uma bengekho. Imoto ayikaze ihambe singekho isitelingi.
"Abantwana abangoyise bebuye, besondele enganeni yabo. Akukho lapho amaphutha engekho khona. Awukho umuzi ongashunqi ntuthu. AbeNkosi lapho bekhona siyabakhumbula. Siyohlala sizivulile izandla. Ababuye beze ekhaya. Siyakhuleka ukuthi izinhliziyo azithambe. Bebuye ngaphakathi esibayeni. Bese lapho bengathandi khona bese silungisa. Akekho obambele omunye igqubu. Okwenzekile kwenzeke ngesikhathi sakho."
Related Topics: