Izindaba

Kusolwa umbango wesobuduna kubulawa owe-ANC

Sabelo Nsele and Willem Phungula|Published

UMDIDIYELI we-ANC kuWard 67 eThekwini, uMnuz Sipho Dlamini.

Image: Sithunyelwe

BANUKA umbango wobuduna ngokudutshulwa kubulawe komholi we-ANC egatsheni laseThekwini, uMnuz Sipho Simiso Dlamini, obulawe ehamba nenduna.

Kusolwa ukuthi izinkabi beziqonde iNduna uLungisani Mkhathini, ngesikhathi zivulela ngenhlamvu emotweni obekukhona kuyo uDlamini.

UDlamini obengumdidiyeli we-ANC kuWard 67, ubengumqaphi kaMkhathini. Udutshulwe wabulawa ngoMgqibelo, ephuma emcimbini we-ANC.

Kulesi sigameko, kulimale uMkhathini kanye nomunye umqaphi wakhe.

UMkhathini uyiNduna ngaphansi kobukhosi baseMnini, eMgababa. Inkosi uPhathisizwe Luthuli ithe ikholelwa ukuthi ukuhlaselwa kukaMkhathini kuyamene nombango wobuduna endaweni.

"Nami ngisabela impilo yami. Nginxusa amaphoyisa noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukuba uphenye lesi sigameko."

UDlamini uke waba yikhansela kuMasipala waseThekwini, phakathi kuka-2011 no-2016.

Ubuholi be-ANC esifundeni iTheku, buchaze uDlamini njengomholi obezinikele emsebenzini wakhe.

Okhulumela i-ANC esifundeni iTheku, uMnuz Thinta Cibane, uthe balahlekelwe kakhulu ngokushona kukaDlamini.

"UDlamini uzinikele impilo yakhe yonke esebenzela i-ANC kanye nabantu. Ubesebenza ngokuzikhandla futhi ezithobile. Sigqemeke engeqiwa ntwala. Sizomkhumbula uDlamini ngekhono lakhe lokukwazi ukuhlanganisa abantu nokukhankasa."

UCibane unxuse amaphoyisa ukuthi asukumele udaba lokubulawa kukaDlamini.

"Siyakugxeka ukubulawa kukaDlamini. Sifuna ukuthi amaphoyisa asheshise uphenyo lwawo. Sifisa ukuthi bonke abaholi abasebenzela umphakathi bavikelwe futhi sifuna nokuthi abantu bazizwe bephephile. Sithi dudu emndenini kaDlamini nasemphakathini wonke othintekile. Sizoqhubeka nokubeka emkhulekweni labo abalimele."

Amaphoyisa abengakaphawuli ngalesi sigameko.