Imeya yoMasipala waseThekwini, uMnuz Cyril Xaba
Image: EThekwini Municipality/Enos Mhlongo
KUKHONA nabasemazweni angaphandle ezinkulungwaneni ezinenkani yesele, ezihlala emgwaqweni yasedolobheni eThekwini.
IMeya yoMasipala waseThekwini, uMnuz Cyril Xaba, iveze ukuthi kukhona nenqwaba yaseTanzania, kubantu abaphezu kuka-16 000 abahlala emgwaqweni.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo. Abahlala emigwaqweni sebegoloze kaningi besuswa.
Umasipala ufike ubaxoshe kodwa akupheli ngisho isonto baqale phansi bakhe amadokodo abaqube kuwo.
UXaba uthe bazozama ukuxhumana nehhovisi lenxusa laseTanzania, ukuze kuzobuyiselwa ekhaya labo abafuna ukubuyela emuva. Uthe bayazama ukuqhamuka nesisombululo enkingeni yabahlala emgwaqweni.
Uveze ukuthi kunesikhungo abasakhayo esizokhoselisa abangenamakhaya.
"Kunesikhungo esihlalisa abangu-1 200 esisakhayo. Sizoqeda ukwakha lesikhungo ngasekupheleni konyaka. Kodwa lesikhungo asanele njengoba kunabantu abangaphezu kuka-16 000 emigwaqweni lapha eThekwini."
Unxuse imindeni ukuba yemukele labo abafuna ukubuyela emakhaya.
"Esikujabulela kakhulu ilabo abathi bafuna ukuya emakhaya. Bakhona asebeqhamukile basho ukuthi bafuna ukuya emakhaya. Bashilo ukuthi banawo amakhaya futhi bayazi ukuthi bayafunwa emakhaya. Basicela ukuthi sibaxhumanise nemindeni yabo. Bakhona nje esibasizile bakwazi ukubuyela emakhaya."
UXaba uphinde waveza ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, uzokwethula ngokusemthethweni imifuziselo yabalwa nohulumeni wobandlululo, uMnuz Nelson Mandela, noMnuz Oliver Tambo.
Umcimbi wokwethulwa kwemifuziselo uzoba ngoMashi 6. Imifuziselo ebiza u-R11 million umunye, izokuba phambi kwehholo ledolobha.
UXaba ukuvikele ukusetshenziswa kuka-R22 million kwakhiwa le mifuziselo engu-9 wamamitha ubude.
"Ngiyezwa ukuthi abantu bayakhala ngemali esetshenziswe ukwakha imifuziselo. Ngizwile ukuthi abantu baqhathanisa imali eyasetshenziswa ngesikhathi kwakhiwa imifuziselo ese-Union Buildings, nemali esiyisebenzisile. Iqiniso ukuthi imifuziselo iyalingana ngobude kodwa ayifani. "Lena ese-Union Buildings ingu-3.5 tons, lena thina esiyakhile ingu-8 tons. Lena ese-Union Buildings yakhiwa ngo-2013, lena eyethu yakhiwa ngo-2021. Ese-Union Buildings yakhiwa khona lapha ekhaya kanti eyethu yakhiwa eChina. Ngakho ke ziningi izinto okufanele abantu bazibheke."
Uthe izivakashi zizoyijabulela kakhulu imifuziselo.
Related Topics: