Izindaba

Imeya idilizwe esikhundleni ingakaqedi nosuku

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Sibusiso Kunene obe yiMeya kaMasipala waseDanhauser amahora ambalwa ngaphambi kokuyalelwa yiqembu lakhe ukuba adlike esikhundleni

Image: SITHUNYELWE

IDILIZWE esikhundleni kungakapheli ngisho usuku iqokiwe iMeya kaMasipala waseDanhauser, uMnuz Sibusiso Kunene.

UKunene uyalelwe yiqembu lakhe, i-IFP, ukuba asule esikhundleni ngosuku agaxwe ngalo amaketango obumeya.

UKunene uqokwe emhlanganweni womkhandlu obungoMsombuluko kulandela ukuketulwa kobuholi be-ANC obebuphethe umkhandlu.

Ngawo uMsombuluko isigungu esiphezulu kwi-IFP sithathe isinqumo sokuthi uKunene ehle esikhundleni.

Encwadini ebhalwe wusihlalo wekomiti elijuba abaholi ezikhundleni kwi-IFP, uDkt Albert Mokoena, uKunene uyalelwe ukuba ehle esikhundleni ngawo uMsombuluko.

"Uyaziswa ukuthi isigungu esiphezulu sithathe isinqumo sokuba sikuyalele ukuba wehle esikhundleni ngokuphazima kweso, singakadluli isikhathi sokusebenza. Uyalelwa ukuba usayine incwadi ehambisana nalesi saziso, bese uyithumela ehhovisi likanobhala jikelele."

UMokoena uthe iqembu liyalele uKunene ukuba asule esikhundleni ukuze lithole ithuba lokuqoka elizobajuba ezikhundleni kulo mkhandlu.

Imizamo yokuthola uKunene ukuzwa ukuthi wesulile yini esikhundleni njengokuyalelwa yiqembu ayizange iphumelele izolo.

UMasipala waseDanhauser ubuphethwe yi-ANC.

Imeya ye-ANC, uMnuz Bongani Hadebe, yakhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bayo.

Bekungekhona okokuqala uKunene ethola isikhundla sobumeya.

UKunene wagaxwa amaketango obumeya emva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.

Wabamba lesi sikhundla iminyaka emibili ngaphambi kokuthi akhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.

Ngesikhathi ekhishwa ngo-2023 kwangena uHadebe esikhundleni sakhe.

Alikho iqembu elanqoba ngamalengiso ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.

I-IFP ne-ANC banezihlalo eziyisishiyagalolunye iqembu ngalinye bese kuba namakhansela ayisikhombisa aqhamuka emaqenjini amancane i-EFF, ABC, DA, Community Freedom Front (CPF) neTeam Sugar SA.

I-IFP ne-ANC bathembele emaqenjini amancane ukuphatha umkhandlu. Sekuze kwaba yizikhawu ezine kushintshwa izimeya, kuketulana i-IFP ne-ANC.

Iqembu elijwayele ukushintsha izinto yiqembu elingenamlando otheni, iCPF.

Leli qembu liyagxuma gxuma njengoba kwesinye isikhathi livota ne-IFP, kwesinye isikhathi livote ne-ANC.

Ikhansela leCPF, uMnuz Sibusiso Myaka, like lagixabezwa ngesikhandlu sokuba usomlomo womkhandlu.