Izindaba

Kalikho iqembu lezepolitiki engiyingxenye yalo: Jacinta

Nokubongwa Phenyane|Published

UMSUNGULI wenhlangano iMarch and March, uJacinta Ngobese Zuma, useveze ukuthi alikho iqembu lezepolitiki ayingxenye yalo

Image: Independent Newspapers Archives

ISISHOSHOVU esilwela ukuthi abokufika abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho, baphume baphele kuleli, esingaphansi kwenhlangano yaso iMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, sesiveze ukuthi abantu kumele bakuyeke ukuseyamanisa namaqembu ahlukene ezepolitiki.

Lokhu kulandela ukuthi uNkk Ngobese-Zuma ebonakale emcimbini obuwenziwe yiqembu lezepolitiki, i-Action SA, eGoli, ngoMgqibelo, lapho elimemezele uMengameli walo, uMnuz Herman Mashaba, njengozoba sembangweni wesobumeya kulo masipala.

Uthe ubengomunye wezikhulumi kulo mcimbi, okube nemvunge ezinkundleni zokuxhumana ngaye, njengoba abanye bethi useyingxenye yaleli qembu.

Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi sekukaningi ekuveza ukuthi alikho iqembu lezepolitiki azoba yingxenye yalo, yena akwenzayo ukuthi alwele ukuthi abangaphandle bahambe kuleli lizwe.

"Mina angisazi ukuthi kumele ngikuchaze ngithini, ipolitiki yobuqembu angeke ngibe yingxenye yayo ngoba ngiyakwazi engikufunayo ngenhlangano iMarch and March. Ngeke ngiphike ukuthi amaqembu amaningi aseke anginxenxa ukuthi ngiwajoyine, ngaphandle kwe-ANC ne-EFF kodwa amanye aseke aba nemihlangano nami futhi ngangavuma. Ngiye emcimbini wangoMgqibelo, ngoba bengimenyiwe futhi i-Action SA, isiseseke kakhulu uma simashela abokufika. UMnuz Zwakele Mncwango ngomunye umholi wayo, olokhu aba nathi sisaqala kuze kube yimanje ngakho nami uma bengibiza ngizoya ezintweni zabo futhi ngifike ngikhulume ngesikufisayo ngezwe lethu," kusho uNkk Ngobese-Zuma.

Uthe nakweminye imicimbi yamanye amaqembu uma ebizwa, uzoya futhi afike akhulume ngezifiso zabo kuze kube ziyezwakala.

"Ukuhambela imicimbi ehlukene yezepolitiki kwenza njengenhlangano sihlangane nabaholi abasePhalamende, abazothatha lokhu esikushoyo bakudlulisele phambili kubantu okumele basukumele izikhalo zethu. Ngakho basazongibona nje emicimbini yamaqembu ahlukene uma engibiza," kusho yena.

Izinkundla zokuxhumana, uthe yizona ezibhebhethekisa izinto ezingekho okumele abantu baziqaphele.