Ezezimali
Image: Sigciniwe
KUNETWETWE lokuthi bengase bangaholi abasebenzi kuphinde kuphazamiseke nokusebenza kukaMasipala wesiFunda uThukela ngenxa yokudliwa kwe-akhawunti yasebhange yomkhandlu.
I-akhawunti yasebhange ishaqwe emva kokuba umkhandlu uhluleke ukukhola isikweletu senkampani i-RASP Consulting.
Umasipala ukweleta i-RASP Consulting izigidi zamarandi kodwa umsebenzi owawenziwa yi-RASP emkhandlwini oka-R137 million.
Ngonyaka owedlule umasipala wangena esivumelwananeni sokukhokhelana ne-RASP Consulting kulandela isinqumo senkantolo.
Umasipala uhlulekile ukugcina isivumelwano nokwenze ukuthi kushaqwe i-akhawunti yasebhange.
Okhulumela umasipala, uMnuz Jabulani Mkhonza, uthe bazonikela enkantolo ngokushesha beyozama ukumisa kokushaqwa kwe-akhawunti.
"Sizokwenza isiqiniseko sokuthi akuphazamiseki ukuhanjiswa kwezidingo."
UMkhonza uthe bawazisile uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu noMnyango wezeziMali ngalesi simo.
"Nasemkhandlwini bekunomhlangano wesigungu esiphezulu, kwaphinde kwaba nomhlangano womkhandlu lapho amakhansela aziswe khona ngokushaqwa kwe-akhawunti yomkhandlu."
Amaqembu aphikisayo awotha ubomvu. Ikhansela le-DA, uMnuz Thys Janse van Rensburg, lithe lifuna ukwazi ukuthi kungani umasipala ungazange ukhokhe njengokwesivumelwano?
UVan Rensburg uthe isitatimende sasebhange sikhombisa ukuthi umasipala wawunemali ewu-R13 million kwi-akhawunti yawo, ngoDisemba.
Uthe kuyabaxaka ukuthi kungani umasipala ungazange uwukhokhe u-R3 million okwakufanele uwukhokhe ngoDisemba.
"Manje-ke sekunenzalo elinganiselwa ku-R31 million umkhandlu okufanele uyikhokhe."
Uvan Rensburg uthe bafuna kuxoshwe imenenja yomkhandlu, uMnuz Langelihle Jili.
"UJili kufanele achaze ngokwehluleka kwakhe ukwenza umsebenzi."
UVan Rensburg uthe bafuna kube nomhlangano womkhandlu oyisipesheli lapho kuzokhulunywa khona ngalolu daba.
"Sifuna ukuthi kumenywe uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (uMfu Thulasizwe Buthelezi) noMphathiswa wezeziMali (uMnuz Francois Rodgers) ukuba babe yingxenye yomhlangano okhethekile. Sifuna kukhulunywe indaba yokuthi umkhandlu ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli."
USotswebhu Sandile Dlungwane uthe kuningi okuzophazamiseka ngenxa yokudliwa kwe-akhawunti okubalwa kukho nokuhlinzekwa kwamanzi.
"Umkhandlu awukwazi kwenza lutho. I-akhawunti ikhokhela udizili wezimoto ukuze ziyosiza abantu, ikhokhela ugesi ukuze iziphehli zamanzi zikwazi ukusebenza, ikhokhela amakhemikhali afakwa emanzini ukuze siqinisekise ukuthi amanzi esiwanika abantu ahlanzekile. I-akhawunti iyona futhi ekhokhela abasebenzi. Abantu ngeke basizakale njengoba kudliwe i-akhawunti yasebhange. Akukhulunywe nabasebenzi."
UDlungwane uthe bafuna nokuthi kuthathelwe izinyathelo amakhansela e-IFP aphume ashiya umhlangano obubizelwe ukuzobhunga ngalolu daba.
Related Topics: