UNdunankulu Thami Ntuli
Image: Sithunyelwe
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ubona ikusasa elingcono lesifundazwe lilele ekutheni uhulumeni wokubambisa usinde ezembeni.
UNtuli uthe kuningi okuhle okuzokwenzeka KwaZulu-Natal uma uhulumeni wokubambisana unikezwa ithuba lokuqhubeka uphathe isifundazwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula umhlangano weKhabhinethi KwaZulu-Natal, ilekgotla.
Umhlangano ubizelwe ukuzolungiselela inkulumo ngesimo sesifundazwe ezokwethulwa wuNtuli ngesonto elizayo.
UNtuli uzokwethula inkulumo yakhe ngoLwesihlanu, kuzoqala iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sivule ngokusemthethweni isiShayamthetho ngoLwesine.
Kuyiwa kule nkulumo nje kukhona amaqembu aqhubekayo nokulolela izembe uhulumeni wokubambisana.
Iqembu elingababeki benkosi esifundazweni, iNFP, lisanda kuveza ukuthi lizokweseka umzamo wesibili wokuchitha uNtuli kanye nohulumeni wokubambisana.
UNtuli uthe kuningi okungonakala uma kuchithwa uhulumeni wokubambisana.
"Sesike sabona lapha KwaZulu-Natal ukuthi kuba nzima kanjani uma lungekho uzinzo. Sazibonela sonke into eyenzeka ngesikhathi kunezibhelu zokuzitapela. Abantu balahlekelwa yimisebenzi. Abantu basebephila ngokwesaba futhi nabatshali mali base behambela kude nesifundazwe."
UNtuli uthe kuningi okuhle okuzokwenzeka uma uhulumeni wokubambisana unikwa ithuba.
"Uhulumeni wokubambisana iyona nqola ezosiyisa entuthukweni. Uma sibambene sizokwazi ukuxazulula izinkinga ezibhekene nesifundazwe. Singakwazi ukulwa nobubha, sidale amathuba emisebenzi siphinde futhi sakhe nengqalasizinda."
Ezintweni uNtuli athe ziseqhulwini, wudaba lokuvalwa kwenkampani iHullets, ukulwa namatele kanye nokwakhiwa kwesitimela esigijimayo esizosuka eThekwini siye eGoli.
UNtuli uthe uhulumeni wesifundazwe kanye nokazwelonke basemizameni yokuvimba ukuthi kuvalwe iHullets.
"Akukhona ukuthi iyavalwa manje kodwa izinkomba zikhomba ubuthakatha obungase budale ukuthi ize igcine ivaleka. Manje ke kufanele silwe sonke ukuze ingavalwa."
UNtuli uthe kuyabakhathaza ukungafiki ngokushesha komgomo wamatele.
UNtuli uthe inkinga enkulu wukuthi uhulumeni kazwelonke awukakuhlonzi njengenhlekelele ukubheduka kwamatele.
"Sasifuna ukuthi udaba lubekwe njengenhlekelele kodwa kwase kuthiwa umthetho uthi kufanele kube uhulumeni kazwelonke olumemezela njengenhlenkelele nathi bese siyalandela ke ngoba wudaba oluthinta izifundazwe eziningi."
UNtuli uthe bameme izikhulu zePrasa neTransnet ukuba zizochaza ukuthi sizoqala nini ukusebenza isitimela esigijimayo.
"Sagcina kuthiwa kwenziwa ucwaningo nokuthi kunemali ebekwe eceleni. Sifuna ukwazi ukuthi siyosibona nini ngamehlo sesigijima."
Related Topics: