UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, inhloko yoMnyango wezokuPhepha KwaZulu-Natal ebambile, uNkk Nokuthula Khanyile, uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, nosihlalo wabaholi bomdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Sifiso Shinga
Image: Ihhovisi likandunankulu waKwaZulu-Natal/ Zandile Shange
KUTHIWA azohlomulisa kakhulu abafuna imisebenzi aphinde aphungule umthwalo obhekene namaphoyisa amandla anikezwe amakhosi aKwaZulu-Natal, okuqinisekisa ama-copy omazisi nezitifiketi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, bathe amandla anikezwe amakhosi asho ukuthi asisekho isidingo sokuthi abantu bahambe amabanga amade beya emadolobheni beyofuna ukuba kuqinisekiswe (certify) ama-copy omazisi nezitifiketi zemfundo.
Bathe amaphoyisa nawo azophinde athole isikhathi esanele sokulwa nobugebengu ngenxa yokuthi isizoncipha imigqa emide yabantu abafuna kuqinisekiswe ama-copy eziteshini zawo.
Bakusho lokhu emcimbini okuqinisekiswe kuwo amakhosi aKwaZulu-Natal angu-288 ukuthi asengakwazi ukufakazela ama-copy omazisi nokunye.
Umcimbi ububanjelwe eThekwini. UNtuli uthe abantu sebezokwazi ukuqinisekisa ama-copy abo ezinkantolo zamakhosi.
"Usuku luwumlando, amakhosi azokwazi ukulekelela abantu abafuna umsebenzi nabo bonke abantu bomphakathi abasuke befuna ukuthi izitifiketi zabo zifakazelwe ukuthi zisemthethweni ngempela. Abasezukuhamba amabanga amade beya emadolobheni kodwa sebezokuya ezinkantolo zamakhosi. Amakhosi iwona azofike abenzele.
"Siyazi ukuthi abantu bakithi abafuna amathuba emisebenzi abanamali. Nabasuke behanjelwe izihlobo zabo basuke bengenamali. Kwesinye isikhathi abanye basuke befuna ukufaka izicelo zokukhokhelwa omasingcwabisane, bese kudingeka ukuthi kufakazelwe ukuthi le copy abayiphethe iyiyona ngempela yini. Amakhosi ke manje asenikezwe lawo mandla esifundazweni ukuba akwazi ukwelekelela abantu bawo."
UNtuli uthe uhlelo luzophinde lwehlise umthwalo emaphoyiseni.
"Eziteshini zamaphoyisa uyaye uthole kugcwele abantu abasuke bezofuna ukuba kufakazelwe izitifiketi zabo. Manje amaphoyisa asezokwazi ukubhekana nomsebenzi wawo wokulwa nobugebengu. Bazoncipha olayini babantu abafuna ukuthi kufakazelwe amacopy abasuke."
UMkhwanazi naye uhambe emazwini kaNtuli, wathi amaphoyisa abezithola echitha isikhathi esiningi eqinisekisa ama-copy, azobhekana ngqo nomsebenzi wokulwa nobugebengu.
"Siyalujabulela lolu hlelo njengoba sazi ukuthi uMthethosisekelo uthi amaphoyisa kufanele abhekane nobugebengu, aphenye amacala, avikele umphakathi. Kodwa esizithola sikweza singamaphoyisa eziteshini ilokhu okungabhalwanga emabhukwini amakhulu ukuthi kufanele sikwenze. Njengakho ukuthi sihambe sigxiviza amaphepha ezitifiketi zabantu. Uhulumeni unikeze imvume, wanikeza umsebenzi uNgqongqoshe wezoBulungiswa ukuthi kube uyena okhipha izincwadi ezigunyaza abathile ukuthi kube yibona abagxiviza izitifiketi zabantu. Sebebaningi ke abangaphansi kohlelo okubalwa kubo namakhansela."
UMkhwanazi uthe bazoncipha olayini eziteshini zamaphoyisa kuphinde kusizakale nabantu abakude namadolobha.
"Abantu abaqhamuka ezindaweni zasemakhaya bakhe kude neziteshi zamaphoyisa. Manje asisezukuba khona isidingo sokuthi abantu bahambe amabanga amade beyogxiviza izitifiketi zabo. Kuzoncipha nabantu eziteshini zamaphoyisa nokusho ukuthi amaphoyisa asezokwazi ukwenza umsebenzi wawo."
Related Topics: